Umqeqeshi weNigeria, uJosé Peseiro, unethemba lokuthi kusenganzeka alulame unozinti, uStanley Nwabili, ngaphambi komdlalo wabo wama-quarterfinal e-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo e-Ivory Coast.
UNwabili, ovimbela iChippa United kwiDStv Premiership, ulimale ngesiwombe sesibili ngesikhathi beguqisa iCameroon ngo 2-0 emdlalweni we-Last 16 kulandela ukushayisana noGeorges-Kevin N’Koudou ngoMgqibelo.
Lo nozinti uyena obesayiqale yomine imidlalo yeSuper Eagles kulo mqhudelwano, wangenelwa yigoli elilodwa.
“Sisazokuhlolisisa ukulimala kukaStanley Nwabili emahoreni angu-24 kuya kwangu-48 alandelayo. Bekunzima ukuthola imininingwane egcwele ngesimo sakhe njengoba besisagxile emdlalweni,” usho kanje uPeseiro esithsngamini nabezindaba.
"Kodwa ngiyethemba ukuthi uzobe esewulungele umdlalo olandelayo. Ngifuna ukuthi adlale kanti nozakwabo bafuna okufanayo."
INigeria izobhekana ne-Angola emdlalweni kwi-quarter-final ezobanjelwa eFelix Houphouet-Boigny Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Uma kwenzeka uNwabili engalulami ngesikhathi, indawo yakhe ingase ithathwe nguFrancis Uzoho, ongenile ngesikhathi bebhekene neCameroon, noma u-Olorunleke Ojo.
Khonamanjalo, iyaqhubeka imidlalo yeLast 16 ye-Afcon kusihlwa lapho i-Equatorial Guinea izobhekana khona neGuinea e-Alassane Ouattara Stadium e-Ebimpe ngo-7, kuthi i-Egypt ibhekane neDemocratic Republic of Congo eLaurent Pokou Stadium eSan Pedro ngo-10 ebusuku.
IGuinea inomsebenzi onzima wokuvimba umgadli we-Equatorial Guinea ophinde abe ngukaputeni, u-Emilio Nsue, osahamba phambili ngamagoli amahlanu kulo mqhudelwano, kanye noJose Machin ojwayele ukuba ngumvusi wenyamazane.
I-Egypt izobhekana neDR Congo singakabuyi isethenjwa sayo uMohammed Salah, osezandleni zodokotela eLiverpool kulandela ukulimala kwakhe emdlalweni wesibili wamaqoqo.