IMAXED Elite Running Club, isayinise umpetha weComrades Marathon, yango-2022, u-Alexandre Morozova waseRussia.Inhloso yayo ukuqeda ishobolo lokuhluleka ukunqoba lo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke.
Izindaba zidalulelwe Isolezwe, nguMartin Ngwenya oyimenenja yekilabhu.
UNgwenya uthe inhloso ngesinqumo sabo ukuqinisa amathuba okunqoba umjaho kulo nyaka njengeqembu. NgeSonto umjaho uzoqala eCity Hall, eThekwini, uphele eScottville Racecourse, eMgungundlovu. Isibhamu sizoqhuma ngo-5.30 ekuseni.
“Kuyintokozo kwiMaxed Elite ukujoyinwa ngu-Alexandra. Simsayinisele iComrades kuphela. Ungumsubathi wezinga eliphezulu futhi sikholelwa ekutheni uzozibuyisa izinsuku zenjabulo ngokunqoba iComrades. Sichazwe kakhulu yizikhathi azenza ngo-2017, nango-2019, kwenyukwa. Kubona bobubili ubulili sibheke izindondo zegolide ezintathu kuya phezulu,” kubeka uNgwenya.
Uqhube wadalula ukuthi ikhempu yabo ibise-Underburg, iqale ngo-Ephreli. Uthe bazomelwa abasubathi abangu-10 kanti bayisishiyagalombili abesilisa, babili abesimame.
Ngesikhahi kwehliwa ngo-2022, u-Alexandra wanqoba ngesikhathi esiwu-6:17.48. Ngo-2017 kunyukwa, waphuma isibili (6:31.45). Ngo-2018 waqeda endaweni yesithathu (6:20.21). Emjahweni ka-2019 waphinda sona isibili (6:17.40).
Ngo-2019 kwabesifazane, uGerda Steyn waphula irekhodi (5:58.53). Kwabesilisa kwakhonya u-Edward Mothibi (5:31.33). Nanyakenye uGerda ogijimela iPhantane AC, uphinde esifanayo ephula irekhodi (5.44.54).
Ngo-2023 kwabesilisa, liphulwe nguTete Dijana (5:13.58) owanqoba nango-2022. Kuyona yomibili iminyaka umjaho wawuqala eMgungundlovu, uphela eThekwini.
IMaxed Elite yagcina ukunqoba iComrades ngo-2012, iwezwa nguClaude Mashiywa owashaya intambo ngesikhathi esiwu-5:31.03. Kwabesimame kwagcina ngamawele aseRussia, u-Elena no-Olesya Nurgalieva.
Ngo-2013, u-Elena wanqoba ngesiwu-6:29.09. Wawudla amahlandla ayisishiyagalolunye umjaho. Udadewabo u-Olesya, wawunqoba kabili ngo-2007, nango-2009. Abanye abazomela iMaxed Elite kulo nyaka ngoTeboho Sello, Maphephe Peete, Teboho Noosi, Charles Tjiane, Litlhokoa Khoete, Lebelo Mopenyane noLebenya Nkonka.
Njengoba kwenyukwa, abesilisa bazobe belwa nokuphula irekhodi likaLeonid Shvetsov waseRussia, lika-5:24.39 alishaya ngo-2008.
Njengokwejwayelekile, iComrades izokwendlalelwa wumjaho iKZN Youth Run ka-5km, no-10km ozoqala, uphele eKings Park Rugby Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-7 ekuseni. Lo mjaho uhlelwe wuMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ngokubambisana neKZN Athletics ngokwesekwa wuMasipala weTheku noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.