ABUFIKI ubuthongo kubadlali, abasebenzi nezikhulu zamaqembu njengoba kusasa isongwa imidlalo ye-Absa Premiership.
Kunamaqembu alwela ukunqoba isicoco, kunalawo afuna ukungena kwiTop 8, kanti kukhona navika izembe. Sinzima kakhulu isimo kwavika izembe ngoba kusho ukuthi kunamatoho azophela kwabanye uma iqembu lingagcina lidlala kwiNational First Division (NFD) ngesizini ezayo.
Lesi yisikhathi sezibalo njengoba amaqembu efuna amaphuzu ngezizathu ezahlukene. UFarook Kadodia ongusihlalo weMaritzburg United evika izembe, utshele Isolezwe izolo ukuthi kudala bazishaya ezabo izibalo.
Uthe izibalo bazishaya ngesikhathi beqasha umqeqeshi wabo * -Eric Tinkler ngasekupheleni kukaJanuwari nonyaka. UKadodia uthe bavumelana noTinkler ngokuthi kufanele anqobe imidlalo eyisithupha, ngaleyo ndlela iqembu liyosinda ezembeni.
“Njengamanje umqeqeshi nabadlali sebenqobe imidlalo emihlanu, okusho ukuthi basalelwe ukunqoba umdlalo owodwa kuphela kwesasivumelane ngakho,” usho kanje uKadodia.
Inkulumo kaKadodia nokuvumelana kwakhe noTinkler kubonakala sengathi kuyahambisana nesimo iqembu elizithola likusona.
I-Team of Choice izodlala neBaroka FC kusasa emdlalweni okufanele iwunqobe noma ikanjani, bese ithemba ukuthi iFree State Stars, Black Leopards neChippa United balahla amaphuzu.
Njengamanje iMaritzburg iyona eyibambe emsileni ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-29. Ukunqoba kweMaritzburg kuzoyibeka emaphuzwini awu-29, kanti namagoli ayayivuna njengoba isangenelwe amagoli amancane uma iqhathaniswa neLeopards neStars.
Imidlalo yePremiership kule sizini ikhombise ngokusobala ukuthi akuselula ukusho ukuthi ubani ongashaya bani ngoba izimanga ziyenzeka.
Kodwa kubukeka sengathi izimbangi zeMaritzburg zinemidlalo enzima njengoba iStars izodlala neMamelodi Sundowns ejaha isicoco seligi, iLeopards yona izobhekana neCape Town City, iChippa izodlala neKaizer Chiefs.
Empeleni ngenxa yamagoli amancane iMaritzburg ayingenele, kungenzeka nokudlala ngokulingana neBaroka kuyisindise ezembeni. Kodwa lokho kobe kusho ukuthi iStars neLeopards bayashaywa emidlalweni yabo.
“Sibe nesizini ebe nezihibe nobuhixihixi obuningi ngaphandle kwenkundla kodwa lokho angifuni ukugxila kukona. Okubalulekile njengamanje ukuthi sisesimeni lapho khona kufanele siqoqe amaphuzu amathathu, sisinde ezembeni,” kuphetha uKadodia.