Equatorial Guinea (0)(0)
Guinea (0)(1)
IGuinea idlulele kuma-quarterfinal sekuvalwe amehlo ishaya ngo-1-0 i-Equatorial Guinea kowe-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Olympic Stadium of Ebimpe, e-Ivory Coast, ngeSonto ebusuku.
IGuinea inqobe ngegoli likaMohamed Bayo elishaye esikhathini esingezwe ngunompempe. Wonke umuntu ubese ezitshelile ukuthi kuyiwa esikhathini esengeziwe ngenxa yokuthi bezibambene ngo 0-0.
Ngenxa yokwenza kahle kwe-Equatorial emidlalweni yamaqoqa bekubhekwe ukuthi ingathwali kanzima kangako kulo mdlalo obekude uthanyelwe yizinkumbi zabalandeli ebezigcwalise inkundla. Ku-Group A kusongwe ilele indawo yokuqala.
I-Equatorial Guinea, ecijwa nguJuan Micha, izakhele udumo kulo mqhudelwano ngokubhaxabula osokhaya, i-Ivory Coast ngo-4-0 esigabeni samaqoqo. IGuinea ingene kowomkhumulajezi ngengciciyela njengoba ku-Group C isonge isendaweni yesithathu. Bekungokwesihlanu kulandelana i-Equatorial ingena kumkhumulajezi kulandelana kwi-Afcon.
I-Equatorial ibulawe wukuthola ikhadi elibomvu komdlali wayo, uFederico Biroko, kubuywa esiwombeni sesibili. Ubedlalise kabi yena umthakathi wezindaba, uBayo.
Kwesokuqala uGuinea ecijwa nguKaba Diawara owake wadlalela amaqembu afana ne-Arsenal yase-England, iyona ebimandla kakhulu ukubheka phambili. Bekubhoke yena uBayo, Amadou Diawara ukusho abambalwa. Nenkunzimalanga ewu-Emilio Nsue ongukaputeni we-Equatorial ubengazibekile phansi nakuba ezakhe zingazange zimkhathaze kangako unozinti wezitha u-Ibrahim Kone.
Womabili amaqembu esiwombeni sesibili abuye mgamandla. Akuphelanga sikhathi esingakanani i-Equatorial Guinea, yathola iphenathi.
UNsue, ongene kulo mdlalo enamagoli amahlanu, ube neshwa egeja iphenathi. Ukungena kukaNaby Keita odlala kwiBremen Werder, yaseGerman kwenze iGuinea yahlasela ngamandla. Akumangazanga ukuthola igoli sekuvalwe amehlo.