Mamelodi Sundowns (0) 1
Esperance de Tunis (0) 0
KUGQAME izimpawu zokusuka komthwalo kunenjabulo kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, emuva kokwehlula i-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia, emdlalweni womlenze wokuqala we-quarterfinal yeCaf Champions League eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, izolo.
Kube yigoli likaPeter Shalulile eliqinisekise ukuthi la maqembu azobhekana kowomlenze wesibili ngoLwesibili ihamba phambili iSundowns.
“Asibukhombisanga ubuhlakani engibaziyo esiwombeni sokuqala kodwa siphaphamile kwesesibili sathola negoli,” kusho uCardoso kwiSABC.
“Kulapho kuqale kwaba sengathi siyakhululeka kodwa kwabuye kwehla. Kusemqoka nokho ukuqonda ukuthi sibhekene nobani kodwa okusemqoka kakhulu wukuthi siya eTunisia nokuthile esandleni."
Ziningi izinongo ebezenza kungangabazisi ukuthi umdlalo ngowamagqubu kwazise iSundowns yakhishwa yi-Esperance kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano ngesizini edlule.
Ngesikhathi kwenzeka lokho leli qembu laseTunisia beliholwa nguCardoso obehleli ebhentshini leSundowns ayijoyine ngoDisemba.
Kuze kube yimanje, i-Esperance kuseyiyona yodwa enomlando wokuguqisela iSundowns esibayeni sayo kweyomkhumulajezi yeChampions League.
Esinye isinongo bekuwukubakhona kwe-Video Assistant Referee (VAR) esizobakhona kuze kube umqhudelwano uyasongwa. Kunezikhathi ezimbalwa lapho kubekhona sengathi bekufanele isebenze kodwa kwangenzeka.
Enkundleni, kubonakale zisuka ukuthi iSundowns ihlele ukuphatha ibhola ukuze izitha zizosondela kodwa nolwe-Esperance uhlelo belucacile ngoba ibingazixaki ngokuhlasela.
Ukungunga unondweba ngoba bekhala ngazo zonke izinqumo kusheshe kwaqala ukubonakala namanye amaqhinga aziwa ngawo amaqembu asenhla ne-Afrika njengokulala phansi ngalo lonke ithuba abalitholayo.
UCardoso o,kuphele isiwombe sokuqala efuthelana ngoba iqembu lakhe lingawakhi amathuba ubuye kwesesibili ngezinguquko lapho ekhiphe khona o-Aubrey Modiba noThapelo Morena wafaka oDevine Lunga no-Arthur Sales ezindaweni zabo.
Lezi zinguquko zithele izithelo ngokushesha kwazise uShalulile uvalele enethini igoli ngomzuzu ka-54 kulandela umnyakazo omuhle kaJayden Adams noLucas Ribeiro.
Kube sengathi liyinika izimpiko iSundowns leli goli kwazise nasenkundleni abadlali bayo bese benyakaza ngendlela ehlukile kunasesiwombeni sokuqala.
Ngokuhamba kwalesi siwombe, bese kuyiSundowns ekhombisa izimpawu "zokukhula" kulo mqhudelwano kwazise ibisiwunensisa umdlalo ngenhloso yokudla isikhathi.
Lokhu kulisebenzele iqembu lasekhaya kwaze kwaba umdlalo uyaphela.