UKUSHONA kwabashayisibhakela baseNingizimu Afrika ngenxa yokushayeka eringini, kuphoqa ukuthi kusukunywe ukuze kusinde abasaqhubeka nalo mdlalo.
IKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika yonke isemanzini kulandela ukudlula emhlabeni kukaSikhumbuzo Ximba waseMpangeni. Lo mshayisibhakela ushone ngeSonto eledlule ekade ephuthunyiswe esibhedlela kulandela ukuquleka ngemuva kwe-sparring ejimini eGoli. Ubelungiselela impi obekufanele ayilwe izolo. Ukushona kukaXimba kuvuse amanxeba abeseqala ukuphola adaleka ngokushona kukaSimiso “Gandaganda” Buthelezi waseDumbe owaphangalala ngo-2022 emuva kokuqulela eringini ebhekene noSiphesihle Mntungwa empini yebhande le-WBF eThekwini.
Kuvele ukuthi igazi lophele ebuchosheni kuButhelezi. Lesi sehlakalo besingaqali kulesi sifundazwe kwazise ngo-2014 iKwaZulu-Natal iphume ngobuningi iyofihla uPhindile Mwelase owashona ngemuva kokushayeka kabi ebhekene noLiz Butler eGoli. Ngaphandle kwalaba bashayisibhakela baseKZN, ngo-2011, u-Anele Makhwelo waseWestern Cape washonela esibhedlela emuva kwezinsuku ezine eshayekile empini yakhe noDoctor Ntsele eFree State. Kuvele ukuthi kutholakale ihlule ebuchosheni bakhe.
Nakuba sekuyinto edlangile manje ukulimala kabi kwabashayisibhakela kodwa bekwenzeka eminyakeni edlule. Ngo-1985 kwashona uJacob “Dancing Shoes” Morake emuva kokushayeka kabi ebhekene noBrian Mitchell.
Udokotela uBuyi Mabaso-Dlamini, oseneminyaka ehlola abashayisibhakela ngaphambi kwezimpi uthe kumele isukunyelwe eyokushona kwamabhokisa. Uyena onyange, waphuthumisa esibhedlela uButhelezi esequlekile.
“Inkinga yethu eNingizimu Afrika wukuthi asibanakekeli abashayisibhakela bethu. Kufanele sibe nohlelo lokubheka impilo yabo, sibahlole minyaka yonke. Abashayisibhakela kufanele balwe ezisindweni zabo. Lokho kunomthelela ezibhakeleni ezihlala ekhanda lebhokisa. Okunye wukuthi bayazifihla izinkinga ezenzeka uma beziqeqesha,” kusho uMabaso-Dlamini
“Ngokwendlela okwenziwa ngayo manje, abashayisibhakela bahlolwa ubuchopho njalo ngonyaka. Ngokwami lokhu kufanele kwenziwe njalo uma umshayisibhakela ezwa ukuthi ube nenkinga eringini noma ehlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi. Ukushayeka ekhanda kudala ukulimala ebuchosheni. Uma kunganakwanga, kuyaqhubeka. Ngelinye ilanga uthinteka kancane uquleke. Ezinhlakeni zesibhakela nakwiBoxing South Africa (BSA) kudingeka umuntu wezempilo ozobhekela ukuphepha kwabashayisibhakela.”
Ngokushona kwabashayisibhakela emuva kwezimpi, kugcina sekusolwa abaqeqeshi ngobudedengu. Kukhona abakholwa wukuthi kumele babavikele abashayisibhakela futhi baqikelele indlela abajima ngayo, bakhethe kahle nezimbangi ababaqhatha nazo.
UVusi Mtolo, osekhiqize ompetha abaningi eMzansi okukhona kubona uLerato Dlamini noRicardo Malajika, uthe inkinga wukuthi abuhlolwa ubuchopho emuva kwezimpi.
“Umuntu uphuma erigini elimele anikwe amaphilisi okudambisa izinhlungu. Uma impi ibikade inzima noma i-sparring besishubile, kufanele umshayisibhakela ahlolwe ubuchopho. Njengomqeqeshi uyabona uma ibhokisa lakho lishayekile. Nami ngingomunye wabaqeqeshi abanenkani, abangaliphosi ithawula. Kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ibhokisa lami liqatha ngokwanele. Singabaqeqeshi nezimenenja sidinga ukuhlala phansi sikhulume, siyeke umona ngoba yimpilo yamabhokisa lena,” kusho uMtolo.
Ukugxekile ukuthi uXimba ushone elungiselela ukubuyela eringini ekubeni engahlolwanga ubuchopho phezu kokuba ehlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi ezimpini ezimbili zakamuva.
UMntungwa, ohlale isikhathi engazitholi izimpi emuva kokushonelwa yimbangi uButhelezi, uthe amabhokisa amaningi alimala ejimini.
“Abantu abaningi ababhekisise ejimini ngoba yilapho amabhokisa elimala khona. Wenziswa i-sparring nomuntu onesisindo esingaphezulu kakhulu kwesakho, akushaye kabi. Lapho usuke wehlise isisindo ngoba ulungiselela impi. Kuyenzeka ushayeke ekhanda kodwa unganaki ngoba uzitshela ukuthi yi-sparring. Mina engibenzisa i-sparring ejimini yethu, angibashayi ekhanda kodwa ngiqinisa izibhakela emzimbeni kuphela ngoba ngiyakuqonda ukuthi bangalimala. Abaqeqeshi kufanele baqikelele kwi-sparring. Kufanele amabhokisa ahlolwe njalo emuva kwezinyanga eziyisithupha ukuze kubonakale ukuthi awakashayeki yini. Imali ikhona esibhakeleni kodwa sibona singaphephile,” kusho uMntungwa.
Nakuba kukhona abashayisibhakela abaphangalele ngenxa yomdlalo abebewuthanda kodwa bakhona abasindayo. Abanye begcina beyekiswa ngodokotela isibhakela. ULudumo “9mm” Lamati uphoqekile ukuyeka isibhakela kulandela ukushayeka kabi phesheya kwezilwandle ngesikhathi ebhekene noNick Ball ngoMeyi nyakenye empini yebhande le-WBC Silver. Lo mshayisibhakela uquleke waphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokwehlulwa ngomzuliswano ka-12. Uhlale esibhedlela eBelfast, eNorthern Ireland, cishe izinyanga ezimbili, wahlinzwa ikhanda. Owayengumpetha, uPhillip Ndou, naye wayalelwa ngodokotela ukuthi akasiyeke isibhakela ngenxa yenkinga eyatholakala ebuchosheni. Abanye abashayisibhakela abasuke bengakhombisanga ukulimala eringini, bagcina bephazamisekile emqondweni, baphathwa nayizifo ezidalwa wukushayeka ekhanda. Abanye bagcina bengasakwazi ukukhuluma kahle.
Noma ngabe ophromotha, abaqeqeshi, yizimenenja zabashayisibhakela bazibonela imishini yokwenza imali kubashayisibhakela kodwa kufanele bayibeke phambili impilo yabo. Izehlakalo zakamuva ziyaphoqa ukuthi kubekwe eqhulwini ukuphepha kwabashayisibhakela.