UMLANDO uziphindile kumaPlay-Offs kazwelonke eSafa ABC Motsepe League ngenkathi iqembu ebelithwelwe ngeqoma iDondol Stars yaseGauteng liphuma ekuseni kule midlalo yokuhlunga amaqembu azokhushulelwa kwiNational First Division, eyaziwa ngeMotsepe Foundation Championship.
Kule midlalo eqale ngoLwesibili eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, nesongwa ngeSonto ngowamanqamu, sekusele amaqembu amane adlala eyandulela eyamanqamu ngoLwesihlanu.
Kowokuqala i-Upington City yaseNorthern Cape izotholana phezulu neMpheni Home Defenders yaseLimpopo, ngo-11 eminini.
Kowesibili kududulane uMsinga United engosokhaya ne-Orbit College yaseNorth West, ngo-3 ntambama.
Amaqembu amabili azofinyelela kowamanqamu yiwona azobe esethola ingqayizivele yethuba lokukhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship, engaphansi kwePremier Soccer League (PSL) neyisigaba esiphakela eseDStv Premiership.
IDondol Stars beyize kule midlalo ithwelwe ngeqoma kwazise yenze ezibukwayo kwiNedbank Cup ngesizini edlule iguqisa amaqembu eDStv Premiership okubalwa kuwo iSupersport United naMaZulu FC, yaze yafinyelela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano lapho yaguqiswa khona yi-Orlando Pirates sekukhahlelwa amaphenathi.
Nokho leli qembu lasePitoli ligcine lingalibonanga elidlalayo kule midlalo yeMotsepe League kazwelonke yokuhlunga njengoba iphume esigabeni samaqoqo, yahluleka ngisho ukufinyelela kowandulela owamanqamu.
Kowokuvula iDondol ishaywe uMsinga ngo 2-1 kungalindele muntu, kwathi kolandelayo yanqoba ngo 2-1 kwiFC Buffalo yaseFree State, nokungabange kusayisiza kwazise bekufanele inqobe ngembudlu yamagoli ukuze ukwedlulela esigabeni esilandelayo.
Okwenzeke kwiDondol kufana ncamashi nokwenzeka kwiBaroka FC kumaPlay-Offs kazwelonke alesi sigaba ngesizini ka-2010/2011, ngaleso sikhathi esasisabizwa ngeVodacom League, njengoba nayo yayithwelwe ngeqoma kodwa ayangilibona elidlalayo.
IBaroka ngaleso sikhathi eyayidlala kuso lesi sigaba seSecond Division (Motsepe League) nayo yayiye kumaPlay-Offs ithwelwe ngeqoma kulandela ukushaya amaqembu ePremiership okubalwa kuwo iMoroka Swallows (esiyiSwallows FC) neKaizer Chiefs, yaze yafinyelela kweyandulela eyamanqamu, nokuyilapho eyagcina iguqa kwiBlack Leopards ngaleso sikhathi eyayidlala kwiPremiership.
Nokho, sekungumlando ukuthi iBaroka yagcina ikhushulelwe kwiFirst Division ngesizini ka-2012/13, kwathi ngesizini ka-2015/16 yakhushulelwa esigabeni sePremiership, nakuba igcine isibuyela esigabeni seFirst Division ngemuva kokugawulwa yizembe kwiPremiership ngesizini ka-2021/22.