UMQEQESHI waMaZulu FC, uVusumuzi Vilakazi, uyakuqonda ukuthi ngeke kube lula ukubhekana neMarumo Gallants abasanda kuyithela induku emdlalweni wakamuva weligi njengoba sebeyobhekana nayo kowomkhumulajezi.
AmaZulu abhaxabule iGallants ngo 2-0 ngempelasonto edlule emdlalweni weBetway Premiership, azotholana phezulu nayo emdlalweni wasekuhambeni weNedbank Cup Last 16 eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. URowen Human ubeyiqhawe loSuthu, waqokwa njengomdlali ovelele.
“Ibisikhathaza le nto yokungakwazi ukugcina kwethu umgqigqo kodwa emidlalweni yethu yakamuva sikwazile ukuwugcina, sabuya namaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu okuyinto esifuna ukwakhela phezu kwayo,” kusho uVilakazi.
“Ngeke kube lula neze ukubhekana neMarumo ikakhulukazi njengoba sisanda kubehlula kwiligi. Kunomehluko ukubhekana neqembu emdlalweni weligi nokubhekena nalo emidlalweni womkhumulajezi. Ngakho siyazi ukuthi bazowuhlelela ngenye indlela lo mdlalo weNedbank esiyowudlala nabo. Kanti-ke nathi sineqhinga esizolisebenzisa ukubagoba ngoba sifuna ukuwunqoba umdlalo, sidlulele emzuliswaneni olandelayo. Kubaluleke kakhulu ukuthi senze kahle kulo mqhudelwano.”
Lo mqeqeshi uveze ukuthi akasiboni isidingo sokwenza izinguquko ngasohlangothini lonozinti. Emasontweni adlule, abalandeli baMaZulu bakhale ngoRichard Ofori odliwe ngamagoli amabili abebukeka elula ngesikhathi ebambana ngo 2-2 neKaizer Chiefs koweligi. Lo nozinti ubethole ithuba ngenxa yamaphutha kaVeli Mothwa osenyamanambana kubalandeli. Emasontweni adlule, uMothwa unikwe ithuba ngesikhathi Usuthu lubhekene neStellenbosch kowePremiership, wangenelwa ngamagoli ayisihlanu.
“Asikho isidingo sokulungisa into engonakele. Ngakho-ke angisiboni isidingo sokungaqhubeki no-Ofori (Richard) emdlalweni esiyowudlala ngoba udlale kahle emdlalweni esigcine ukuwudlala akangangenelwa yigoli. Yize uVeli esedlulile ekungenelweni ngamagoli amahlanu sishaywa yiStellenboch kodwa okwamanje u-Ofori nguyena engicabanga ukuthi uzobe esemapalini,” kusho uVilakazi.