NAKUBA AmaZulu evulela isibhaxu kulezi zinsuku kodwa omunye wabaqeqeshi bawo, uVusumuzi "Kanu" Vilakazi, uveze ukuthi bakholelwa ekutheni abadlali babo abakazimiseli ngokuphelele.
Ngempelasonto, leli qembu likaSandile Zungu, libhaxabule abakhaya balo, iRichards Bay ngo-3-1 wamagoli ka-Etios Ighadaro, Rowan Human nelika-Ethan Brooks eKing Zwelithini Stadium, eMlazia. Ezinsukwini ezedlule belishaye iChippa United ngo 2-0. Akubuzwa ukuthi lezi zindaba zehla kahle kubalandeli balo kwazise isizini ka-2024/25 liyiqale kabi lishaywa imidlalo emihlanu ilandelana. Kulesi sibalo kubalwa noweCarling Knockout Cup. UVilakazi osizana no-Arthur Zwane, uthe nakuba benqobile kule midlalo emibili kodwa kusamele babhukule.
"Ngicabanga ukuthi abadlali bethu banethalente eliyisimanga. Nakuba kunjalo sikholelwa ekutheni abakazimiseli ngokuphelele. Sidinga ukuthi bakhiphe konke abanakho. Sizoqhubeka nokubagqugquzela baze baphume kuleli gumbi abacashe kulo. Kumele sibanike inkululeko yokudlala ibhola labo ukuze bezokwazi ukuveza ithalente ngokuphelele," kuchaza uVilakazi.
Uqhube wathi: "Kunezinto esingeke sakwazi ukubafundisa zona. Lapha ngibala nefana nokugcina ibhola ngendlela efanele. Sizoqhubeka nokushumayela ukuthi badlale ngendlela ehlelekile nesisuke sihlele ngayo."
UVilakazi noZwane obekwiKaizer Chiefs, izintambo bazithathe kuPablo Franco Martin waseSpain okhonjwe indlela kusanda kuqala isizini ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Lo mqeqeshi uqhube wathi, benozwakwabo abethukile ekwenzeni umsebenzi wabo. Uthe bazothatha umdlalo ngamunye kuze kube uSuthu luba ilento abayifunayo.
"Asethukile nakancane ngokwenza umsebenzi wethu. Sakusho lokhu nangesikhathi sifika kuleli qembu. Sathi ngeke sitatazele, sizokwenza umsebenzi wethu kahle kuze kube iqembu lihlala endaweni efanele. Sisenesikhathi esanele."
Emidlalweni eyisithupha uSuthu lusanqobe emibili, lashaywa kwemine. NgoMgqibelo luzodlala neTS Galaxy nayo engazange iyiqale kahle isizini. Lo mdlalo uzoba eMbombela Stadium, eMpumalanga.