Angase alishiye iqembu ayohlala ekhaya umdlali weCasric Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship, uLungelo Bhengu, okhala ngabaphathi beqembu athi banqaba ukumdedela efunwa yiqembu leDStv Premiership.
UBhengu (25) ujoyine iCasric Stars yaKwaMhlanga, eMpumalanga, ekuqaleni kwale sizini esuka kwiMaritzburg United egawulwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule.
Nokho, lo mdlali wasemuva okuthiwa uphakathi kwabadlali abafunwa uthuli yiCape Town Spurs esempini yokuvika izembe kwiPremiership, uzithola ekhungathekile njengoba esola izikhulu zeCasric ngokwenqaba ukumnika incwadi emkhululayo ngenxa yenkontileka asenayo naleli qembu.
UBhengu osayine inkontileka yezinyanga eziyishumi kwiCasric ekuqaleni kwesizini, usadlale imidlalo emithathu kuleli qembu alijoyine ngoSepthemba futhi uphakathi kwabadlali abanamava leli qembu elithembele kubona ekulweleni ukukhuphukela kwiPremiership njengoba lisendaweni yesikhombisa kwi-log yeMotsepe Championship.
“Ngenkathi ngishiya kwiMaritzburg ngemuva kokudliwa kwayo yizembe, bengifisa ukuthola iqembu elidlala kwiPremiership ngenxa yokwehliswa kwemiholo yabadlali yiMaritzburg isiyodlala kwiMotsepe Championship.
“Nginezidingo eziningi futhi ngisakhokhela imoto, ngakho ngangidinga ukuthola iqembu lePremiership kodwa ngemuva kokuhlukana nobeyimenenja yami, ngibe sengizifunela mina iqembu ngoba ngibona isikhathi sihamba iqala nesizini.
“Ngisayine inkontileka emfishane neCasric ngoba inhloso yami kuwukuthi uma kuqhamuka okungcono eqenjini lePremiership, ngiye khona,” kuchaza uBhengu wase-Elandskop, eMgungundlovu.
“ICape Town Spurs iyafuna ukungisayinisa futhi ibeka into ezwakalayo etafuleni, okuyingakho ngifuna ukuyijoyina ngiyoyisiza ekuvikeni izembe.
“Kodwa abaphathi bami bayenqaba ukunginika incwadi engikhululayo. Ngiyazi ukuthi inkontileka yami iphela ngoJuni kodwa bengingacabangi ukuthi banganqaba ukungidedela ekubeni iSpurs ibeka into engcono etafuleni.
Inhliziyo yami ayisekho eqenjini (Casric) sekunzima nokuthi ngiyoziqeqesha nalo ngenxa yalesi simo. Yingakho sengicabanga nokuthatha imithwalo yami ngibuyele ekhaya, ngilinde kuze kuphele isizini ngizijimele ngedwa, ngilinde isizini ezayo,” kubalisa lo mdlali okhulele esikhungweni seKaizer Chiefs sabadlali abasakhuliswa.
Kuthintwa uBucs Mthombeni, ongomunye wabaphathi beCasric, uthe: “Ngokwazi kwami uLungelo usenenkontileka neqembu, ephela ngoJuni. Ngakho usengumdlali wethu.”