UNGENA ezintangeni ngenkinga yokuvusiza amagoli kweKaizer Chiefs umqeqeshi, uNasreddine Nabi, oseqalile ukushintsha isikimu afike eNaturena wabambelela kusona.
IChiefs yenyukele endaweni yesithupha kwi-log yeBetway Premiership emuva kokucosha amaphuzu amathathu kwiRichards Bay emdlalweni ewunqobe ngo 2-1 ePolokwane ngoLwesithathu.
Amakhosi, asewine imidlalo emithathu kweyisithupha aseyidlalile kule sizini yokuqala kaNabi, angenelwa ngamagoli ayisishiyagalombili. Okugqamile wukuthi cishe kuyona yonke imidlalo leli qembu lilanda ibhola enethini. YiSuperSport United kuphela esahlulekile ukushaya igoli emaqenjini asebhekene nayo kule sizini kwiligi. Ngaphambi kwekhefu leFifa, abalandeli beChiefs bebekhomba ngomunwe unozinti, uFiacre Ntwari, njengekhongco elibuthaka odongeni lwasemuva lweChiefs. NgoLwesithathu bekubukeka uzophela umdlalo lingangenanga igoli kuBrandon Petersen obevimbile kodwa iBay yalishaya sekusele amanenjana ikhale impempe.
UNabi uthe koweBay babulawe wukuthola ikhadi elibomvu kukaReeve Frosler.
“Kuyiqiniso ukuthi singenelwa ngamagoli kodwa namuhla kwenziwe yizimo. Kusukela ngomzuzu ka-51 sidlale sesishoda, kunzima ukunqanda ukungenelwa yigoli uma kunjalo ngisho sikholwa wukuthi udonga lwethu belungcono kakhulu namuhla. Bekunzima ukuvimba ukuthi singangenelwa yigoli sishoda ngomdlali,” kusho uNabi.
Inkinga yokungenelwa ngamagoli kweChiefs ngesizini edlule, ingenye yezisukumise abaphathi bangena bashona emakethe ngenhloso yokuqinisa iqembu. Amakhosi athenge uNtwari kwiTS Galaxy nabadlali basemuva uRushwin Dortley kwiCape Town Spurs, Bradley Cross kwiLamontville Golden Arrows no-Inacio Miguel kwiPetro Atletico yase-Angola.
Nakuba iChiefs ivuzisa amagoli kodwa akubuzwa ukuthi amaphuzu amathathu yiwona amqoka njengoba ibheke ukuvala igebe phakathi kwayo ne-Orlando Pirates esesicongweni se-log yeBetway Premiership.
“Ngamaphuzu ayigugu lawa esiwatholile ngoba bekuwumdlalo onzima. Sithole ikhadi elibomvu emzuzwini eyisihlanu yesiwombe sesibili, sadlala sesishoda kodwa besidlala kahle nalapho. Siphumelele ukushaya igoli lesibili kunjalo, sakha cishe amathuba amathathu okuwina umdlalo. Siyakuqonda ukuthi iqembu ebesidlala nalo liqhubekile nokucindezela, wehla umdlandla kithina ngoba besishoda. Siwalwele kanzima amaphuzu amathathu futhi siyajabula,” kusho uNabi.
Kusasa, iChiefs izobhekana neRoyal AM ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-17.45 ntambama.
Imidlalo yeBetway Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport United v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Richards Bay v AmaZulu (King Zwelithini Stadium).
Ngo-5.45pm: Kaizer Chiefs v Royal AM (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: Chippa United v Magesi (Buffalo City); Mamelodi Sundowns v Sekhukhune United (Loftus Versfeld).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Cape Town City (Mpumalanga Stadium); Orlando Pirates v Stellenbosch (Orlando Stadium).
Ngo-5.45pm: Polokwane City v TS Galaxy (Old Peter Mokaba Stadium).