UKHULUMA ngokucophelela unozinti waMaZulu, uVeli Mothwa (33), uma ephawula ngamathuba okuvimba emidlalweni emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) iBafana Bafana ezoyidlala ne-Uganda ngoLwesihlanu e-Orlando Stadium neSudan ngoSepthemba 10 ekuhambeni.
Esikwatini esimenyezelwe ngumqeqeshi uHugo Broos, lo nozinti ijezi uzolibanga noRicardo Goss (30) weSuperSport United noSipho Chaine (27) we-Orlando Pirates obeqala ukubizelwa kwelesizwe. URonwen Williams, ongukaputeni weBafana, usale ngaphandle ngenxa yokulimala ihlombe. Lokhu kwenza uMothwa, owaqala ukuqokelwa kwelesizwe ngo-2021 futhi osebuya kwi-Afcon, kube nguyena onesipiliyoni kunabo bonke abanga nabo ijezi.
Nakuba eshaya ngala mava uMothwa kodwa kukhona okusina kumjeqeza kwazise akakadlali kule sizini njengonozinti abanga nabo kwazise iqembu lakhe AmaZulu alikho kwiMTN8. UChiane usevimbe owama-quarterfinal nomlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN8. Owokuqala weBafana uzofika esevimbe nomlenze wesibili. UGoss usevimbe owama-quarterfinal alo mqhudelwano abawashiswe ijezi kuwona yizo eZimnyama.
Ebuzwa ngamathuba akhe uMothwa uthe konke kuzoncika kumqeqeshi ukuthi uvimbisa bani. Utshele Isolezwe Ngempelasonto lokhu emcimbini obuseMhlanga, eThekwini, egaraji lenkampani iMitsubishi exhase ngezimoto umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin noPedro Dais oyiFootball Director.
"Yebo ngingaba nesipiliyoni kodwa nabo labo nozinti babizelwe kwiBafana ngoba kubafanele. Kuzoya nangokuthi ekhempini umqeqeshi ubona kuyimuphi owenze akufunayo," kubeka uMothwa.
Uqhube wathi:" Nakuba konke kulele kumqeqeshi kodwa ngeke kungiphazamise ukuthi sengihlale isikhathi eside ngingavimbi. Empeleni ngizobe ngiphila saka, ngiphumule ngokwanele. Akukhona ukuthi bengihleli dekle. Njengoba silungiselela isizini, iqembu lami limatasa nemidlalo yobungani yezinga eliphezulu. Umqeqeshi uBross usikhethe ngoba azi ukuthi uneqhinga."
UMothwa ubongele uChaine ngokubizelwa okukoqala kwelesizwe.
"Kumele aqhubeke nokudlala ngendlela ebenza ngayo eqenjini lakhe. Kuzomele abhukule ngoba usedlala ezingeni lomhlaba. Kuyazenzakalela, uma uzwa ukuthi ubizelwe eqenjini lesizwe uzitshela wena ukuthi kumele umele izwe lakho ngokuzikhandla. Izinga lakho lokudlala kumele ulenyuse lize lifinyelele ku-200%," usho kanje.