AMAZULU aseqinise iqembu lawo ngesitobha, uKwanda Mngonyama (30), ebesiyibamba kwiMoroka Swallows ngesizini edlule.
UMngonyama waKwaZulu-Natal okhulele enkulisa yeMamelodi Sundowns, usebuya nakwi-Orlando Pirates, Maritzburg United nakwiBidvest Wits.
Nakuba kungacaci ngemininingwane yenkontileka yakhe noSuthu kodwa umthombo uveze ukuthi utshele ozakwabo abasha ukuthi usesayinile. Umthombo uqhube wathi uqale ukujima neqembu lakhe elisha ngoMsombuluko, ekhempini eseBenoni, eGauteng.
AmaZulu amsayinise esengenaqembu kulandela ukuthi iSwallows abedlala kuyo idayisele iMarumo Gallants isitifiketi sokudlala kwiDStv Premiership.
"Uhleka yedwa uKwanda ngokusayina kuMaZulu. Okumjabulisa kakhulu ukuthi vele ubesefuna ukubuyela ngakubo, KwaZulu-Natal. Uqale ukujima neqembu ngoMsombuluko," kubeka umthombo.
UPhilani Ndlela okhulumela uSuthu, uthe abaphathi bakhe bebengakamazisi ngokusayina kukaMngonyama.
"Mhlawumbe ukube ngihambe neqembu ukuya ekhempini ngabe ngiyazi ukuthi yibaphi abadlali abasayinile. Mhlawumbe abaphathi basazongazisa ngokusayinisa uMngonyama," kubeka uNdlela.
UMngonyama odlala phakathi nendawo emuva, ijezi uzolibanga noRamahlwe Mphahlele noMbongeni Gumede okusanda kuvuselelwa izinkontileka zabo. Abanye ngoTaariq Fielies, Abbubaker Mobara noSandile Khumalo obebolekiswe kwiBlack Leopards ngesizini edlule.
UMngonyama udlale imidlalo engu-19 kwiSwallows ngesizini edlule. Ubalwa nabadlali abasalile esidlekeni seziNyoni ngesikhathi kuxoshwa abanye ngemuva kwesiteleka samaholo.
UMngonyama osebalwa nesinye sezitobha ezihlonishwayo eMzansi, wenyuselwa esikimini esikhulu seSundowns ngo-2017 ngumqeqeshi uPitso Mosimane. Ngeshwa akazange alithole ithuba lokudlala njengoba aphenduka ubhande mtshelekwano ngenxa yokubolekiswa.
Ubolekiswe kwiWits anqobe nayo isicoco seNedbank Cup ngesizini ka-2013/14.
Kweka-2014/2015 uphinde wabolekiswa kwiMaritzburg ahlale kuyo amasizini amathathu. ISundowns yamdedela ngo-2018, wajoyina iCape Town City aphakamise nayo inkomishi yeMTN8.
Ngo-2019 uMngonyama wabuyela eMphithi ngaphambi kokuthathwa yiPirates ngesizini ka-2021/22.
Ngesizini edlule uSuthu luqede kweyesi-11, ngamaphuzu awu-37. Lungenelwe amagoli awu-30, lwashaya awu-24.