UMDLALI wasesiswini, uDeolin Mekoa, uthi kubuyisa ukuzethemba kuyena ukuthola elinye ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo ngemuva kokusayiniswa yiMagesi FC edlala kwiMotsepe Foundation Champioship.
UMekoa (30) owazakhela igama kwiMaritzburg United adlale kuyona amasizini ayisithupha, isadlala kwiPremiership, ubesedlale amasizini amabili kwiSummerfield Dynamos edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, ayeyijoyine ngesizini ka-2021/2022.
Lesi sikhwishikwhishi somdlali wasesiswini siphakathi kwabadlali abane abasayiniswe yiMagesi ekuqaleni kwaleli sonto, ngenhloso yokuqinisa isikwati sayo njengoba ibalwa namaqembu eMotsepe Championship alwela isicoco seligi.
Abanye abadlali abasayiniswe yileli qembu laseLimpopo eliqeqeshwa uClinton Larsen, ngu-Edmore Chirambadare, Rhulani Manzini noNtuthuko Mlotshwa.
UChirambadare uke wagijima kwiKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uManzini uke wagijima kwiChippa United.
“Leli yithuba ebengililangazelele. Kade sengidlale amasizini amabili esigabeni sama-amesha i-ABC Motsepe League.
Kungivule amehlo, kwangifundisa okuningi. Ukubuyela kwami esigabeni sama-amesha ngiyodlala khona (kungisizile), ngikholwa wukuthi njengamanje akusekho ukubheka emuva kimina ngaleli thuba esengilitholile.
Ngibonga kakhulu umqeqeshi uClinton (Larsen) ngokungethemba kwakhe nokukholelwa kimina ukuthi kukhona engisangakwenza ebholeni elikhokhelayo,” kusho uMekoa, odabuka eWentworth, eThekwini.
“Njengoba siphakathi kwamaqembu ayisithupha aphezulu kwi-log yeMotsepe Championship, sinethuba elifanayo neqembu elihlezi endaweni yokuqala elihleli endaweni yesibili uma ubheka umehluko wamaphuzu phakathi kwethu nawo.
Sehlukaniswe ngamaphuzu amathathu ne-Orbit College ehlezi phezulu, nelilodwa kuphela namaTuks endaweni yesibili.
Futhi okuhle ukuthi sisazodlala nala maqembu aphezulu, i-Orbit College, amaTuks neBaroka, ngakho sisenethuba.”
ULarsen, ongumqeqeshi weMagesi ayijoyine ngesizini edlule esuka kwiSummerfield Dynamos ayivikise izembe, usekusho kaningi ukuthi inhloso yakhe enkulu wukuthatha leli qembu alifake kwiDStv Premiership.
Akungangatshazwa ukuthi ukusayinisa kwakhe abadlali abanamava njengoMekoa, uManzini noChirambadare kusengukuhamba kulowo mgudu.
Ngemuva kwekhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), iMagesi izobuyela ensimini ngokubhekana neJDR Stars, ngoFebhuwari 13, eGiant Stadium, ePitoli.