UQWEQWE lukanozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, luvule isifuba ngezifiso zalo kule sizini yeDStv Premiership ka-2023/2024, nangokuthi yini okumele bayiqinisekise ukuze kuzokwehla ulaka kubalandeli.
UKhune osekunguyena yedwa osele kubadlali abebekhona ngesikhathi iChiefs igcina ukudla isicoco ngo-2014/2015, uhlale phansi neSolezwe muva nje, wenaba ngezifiso zabo bengabadlali kanjalo nokufanele bakwenze ukwehlisa ulaka kubalandeli.
Amakhosi angelinye lamaqembu aseNingizimu Afrika ahamba phambili ngokwempumelelo ebholeni lakhona kodwa iminyaka isibheke kweyishumi engakaze afake lutho ekhabetheni lawo lezindebe.
Lokhu akuhleli kahle kubalandeli kuphela abasanda kuvuka umbhejazane emuva kokuthi iqembu labo lishaywe yi-TS Galaxy koweligi, bahlasela umqeqeshi, uMolefi Ntseki.
Nangasekupheleni kwesizini edlule, u-Arthur Zwane obeyinhloko yabaqeqeshi uke wazithola esehlaselwa ngabalandeli bedinwe yimiphumela engemihle.
UKhune akabasoli abalandeli ngokunengeka.
“Abalandeli beChiefs baphupha ngokubona iqembu labo liwina imidlalo, ngakho-ke kusemqoka ukuthi siqale ngokuqoqa amaphuzu imidlalo ilandelana kwiligi,” kusho uKhune ebuzwa ngokufanele bakwenze ukudambisa ulaka oluhaqe abalandeli.
Lapha uKhune ubekhuluma iqembu lisayodlala kowokuqala weligi neChippa United. Abawunqobanga lowo mdlalo, waphela zibambene. Ibe isihlulwa yiMamelodi Sundowns koweligi, bathi ukujabula bekhipha iCape Town City kowe-MTN8 njengoba bebuye bahlulwa yiGalaxy kwiligi, ukubanikeza iphuzu elilodwa emidlalweni emithathu.
“Kule sizini kufanele ishintshe indlela esiqoqa ngayo amaphuzu. Ngedlule bekubamnandi uma sinqobile kodwa kuphinde kube muncu uma sesihluliwe kolandelayo, ngakho-ke kulokhu kufanele siwubambisise umgqigqo uma sesiwutholile.
“Kule sizini kusemqoka ukuthi siqukule okungenani eyodwa ezinkomishini ezine zePremier Soccer League (PSL),” kulandisa unozinti.
Ngokwakhe, ukubuyisela iChiefs emidlalweni yase-Afrika, ngenye yezindlela abangazishwelezela ngazo kubalandeli abakuqondayo ukuthi babulawa yindlala kangangokuthi sebephenduke inhlekisa nasemphakathini.
“Ngiyazi ukuthi kungabesula izinyembezi abalandeli ukuqeda isizini sisendaweni ezosibuyisela kwiCaf Champions League.
“Kuhle ngoba sekwengezwe nangendebe yeCarling Black Label ngakho-ke amathuba okupholisa izinhliziyo zabalandeli andisiwe, yikhona nje ukuthi nathi singabadlali kumele sibhukule.
“Akumnandi ukwazi ukuthi abalandeli bethu abasakwazi nokuhamba bakhululeke ngoba sesibaphendule inhlekisa kulaba abalandela amaqembu ayizimbangi zeChiefs.
“Kumele sikwamukele ukuthi abalandeli beChiefs bafanelwe wukungenami ngoba sibanika abangakujwayele kodwa ngiyathembisa ukuthi sizobhukula, kubuye nokuzethemba kubona,” kuphetha uKhune.
I-Chiefs izokwamukela AmaZulu FC koweligi kussa ngo-5.30 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto. Lona ngomunye umdlalo obhekiwe ukuthi izokwazi yini ukuqala ukwehlisa ngawo ulaka lwabalandeli.