KUMLETHELE isithombe sakudala esazabalaza esakhula ngesikhathi eqokwa njengomdlali ovelele emhlabeni kwabesilisa umdlali weReal Madrid neBrazil, uVinicius Jr.
Lesi sikhwishikhwishi sithole indondo yeBest Men’s Player kuma-Fifa The Best Awards abebanjelwe eDoha, eQatar, ngoLwesibili ebusuku.
Kwenzeka lokhu nje, saphunyukwa yindondo yeBallon d’Or ngo-Okthoba, eyatholwa yinjini yeManchester City neSpain, uRodri.
Kulokhu uRodri uyena olale endaweni yesibili uma sekuhlanganiswe amavoti okaputeni nabaqeqeshi bamaqembu esizwe angaphansi kweFifa, izintatheli nabalandeli.
"Angazi ukuthi ngingathini ngoba ngisakhula konke lokhu bekuzwakala kukude, bekubonakala sengathi ngeke ngifinyelele lapha. Ngakhula ngidlala ngingagqoke zicathulo, ngizungezwe ububha nobugebengu. Lokhu ngikwenzela izingane ukuze zibone ukuthi nazo zingafika kuleli qophelo,” kusho uVinicius.
“Ngibonga bonke abangivotele, lokhu kusho lukhulu kimina. Ngibonga umndeni wami ngokudela amaphupho ababenawo ukuze bangisize ngifeze elami. Ngifuna ukuhlala kwiReal Madrid isikhathi eside, kodwa kufanele futhi ngiyibonge iFlamengo ngokunginika ithuba lokuqala.
"Namuhla ngikhulumela loya mfana owayebukela amaqhawe akhe ephakamisa le ndebe. Sesifikile isikhathi sokuthi ngikusho kugcwale umlomo ukuthi ngingumdlali ovelele emhlabeni futhi ngikulwele kanzima lokho.”
U-Aitana Bonmati weBarcelona neSpain uqokwe njengomdlali ovelele kwabesifazane, okuwumklomelo awuthatha nangonyaka odlule. Uqhubekile nokuwola izindondo ezinkulu kwazise uthathe neBallon d’Or nyakenye nakulo nyaka.
Kulo nyaka bekuqala ukuthi kukhishwe indondo yowesifazane oshaye igoli elihle kunabo bonke eyaziwa ngeMarta Award. Inqotshwe yinkakha yaseBrazil eqanjwe ngayo, uMarta, ngegoli alishaya bedlala neJamaica ngoJuni.
Umdlali weManchester United kanye ne-Argentina, u-Alejandro Garnacho, uwine iPuskas Award ngegoli alishaya bebhekene ne-Everton ngoNovemba nyakenye.
Uhlu oluphelele lwabaklonyeliswe kumaFifa The Best Awards
Best Men’s Player: Vinicius Jr (Real Madrid/ Brazil)
Best Women’s Player: Aitana Bonmati (Barcelona/ Spain)
Best Men’s Coach: Carlo Ancelotti (Real Madrid)
Best Women’s Coach: Emma Hayes (United States)
Best Men’s Goalkeeper: Emiliano Martinez (Aston Villa/ Argentina)
Best Women’s Goalkeeper: Alyssa Naeher (Chicago Red Stars/ United States)
Puskas Award: Alejandro Garnacho (Manchester United, Argentina)
Marta Award: Marta (Orlando Pride/ Brazil)
FIFA Fair Play Award: Thiago Maia (Internacional/ Brazil)
FIFA Fan Award: Guilherme Gandra Moura (Vasco Da Gama/ Brazil)