OWAYEYISIHLABANI saMaZulu FC, uJoel “The Horse” Faya (65), uzongcwatshelwa eHeroes Acre, eRed Hill, eThekwini, okuyindawo okulele kuyo owayeyingqalabutho yombhali wemidlalo yeshashalazi uDkt Mbongeni Ngema.
Lesi sihlabani esazakhela igama oSuthwini ngasekupheleni kweminyaka yo-1970 kuya ko-80, sidlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule, ngemuva kokugula isikhashana, sixinwe yisifo somfutho wegazi (high-blood pressure), sisemzini waso kwa-B, KwaMashu.
Inkonzo yesikhumbuzo izoba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesine ngo-4 ntambama. Inkonzo yomngcwabo izokuba ngo-9 ekuseni eKwaMashu Christian Centre, KwaMashu, ngaphambi kokuba kuyiwe emathuneni eHeroes Acre, eRed Hill.
UFaya wadlala isikhathi eside kuMaZulu, wathi xhinti kwiDurban Bush Bucks, ngaphambi kokubuyela oSuthwini lapho anqoba nalo indebe yeCoca-Cola Cup ngo-1992. Wake wasebenza ezinhlakeni zoSuthu, zabadlali abasakhula kwaze kwaba ngu-2015.