IMIDLALO emibili yeDStv Premiership esalele iKaizer Chiefs ngaphambi kokusonga isizini uyibona njengethuba lokugqiba ihlazo uRanga Chivaviro, kwazise simbangela amahloni isibalo samagoli asewashayele Amakhosi kusukela efikile ngokusho kwakhe.
UChivaviro osayibhakuzise amahlandla amane inethi kusukela elandwe kwiMarumo Gallants, ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba izolo lapho iChiefs ebibabize khona ngaphambi kokudlala owokugcina wesizini ekhaya.
Amakhosi alwela ukuqeda endaweni ezowagunyaza ukudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo, azokwamukela iPolokwane City kusasa ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
Ngaphandle kwamahloni ngesibalo samagoli, uChivaviro ukuqonda kahle ukuthi babaphoxe kangakanani abalandeli kule sizini.
“Akufihliwe ukuthi siphoxile kule sizini kodwa kusekhona esisengakuzuza. ngakho-ke kule midlalo emibili esisalele kufanele sizinikele ngakho konke esinakho,” kusho uChivaviro.
“Yize sihlulekile ukugcina izethembiso ebesizibekele zona kodwa kusemqoka ukukhumbula ukuthi iqembu lijoyinwe ngabadlali abaningi ngesikhathi esisodwa.
“Akukona ukucasha ngesithupha lokhu kepha kuliqiniso ukuthi kuthatha isikhathi ukuthi iqembu lihlangane ngale ndlela edingekayo uma kusabunjwa.
“Yebo nathi singabadlali abasha kwiChiefs bekufanele sisheshe sisibambe isitayela ngoba singabadlali bezinga elikhokhelayo, kodwa iqiniso ukuthi siphikwe izinto kule sizini,” kusho uChivaviro.
Uthe kusemqoka ukuthi le midlalo emibili ebasalele bayinqobe noma yikanjani ukuze babe nokuzethemba nangasekuqaleni kwesizini entsha ngeMTN8.
Isibalo samagoli awashayele iChiefs usichaze njengesimenza ezwe ubuhlungu, aphinde abe namahloni.
Udalule ukuthi ngeke akufihle ukuthi ufisa sengathi ngabe unamagoli angaphezulu kwamane kwiligi.
Uthe phezu kokuba kunjalo akalilahlile ithemba lokwengeza ngoba le midlalo emibili ebasalele uyibona njengethuba lokugqiba ihlazo.
“Kungangithoba amanxeba ukuqeda okungenani nginamagoli ayisikhombisa noma ngaphezulu kodwa ngiyayazi inkinga eholele ekutheni le sizini ihambe kanje.
“Okuhle ngalolu lwazi ukuthi ngiyakwazi okufanele ngikwenze ukuze ezayo ngiyiqale ngomfutho ongcono,” kuphetha uChivaviro.
Njengoba iChiefs ivalelisa abalandeli bayo ekhaya kusasa, izosongela eKapa ngoweCape Town Spurs esivele idliwe izembe ngoMeyi 25.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Kusasa NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Cape Town City v Richards Bay (Cape Town Stadium); Royal AM v Chippa United (Harry Gwala Stadium); Sekhukhune United v AmaZulu (Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v Orlando Pirates (Mbombela Stadium); Golden Arrows v Cape Town Spurs (Mpumalanga Stadium); Stellenbosch v Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium); Kaizer Chiefs v Polokwane City (FNB Stadium); SuperSport United v Moroka Swallows (Lucas Moripe Stadium).