UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uphosele inselelo izinhlangano ezengamele ibhola iCaf neFifa ngokuthi ziqinise isandla ngezinkundla okudlalelwa kuzona e-Afrika.
IBafana ikhale ngaphansi ngo 2-0 kwiRwanda emdlalweni wesibili wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eHuye Stadium, eButare, ngoLwesibili. Kulo mdlalo, bekunzima kubafana bakaBroos ukudlala ibhola elihamba phansi abalaziyo kwazise inkundla kade igcwele amanzi futhi bekungebona utshani bemvelo. Utshani lobu bokuzakhela, abuwamunci amanzi njengoba belina.
“Akukholakali ukuthi umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba udlalelwa enkundleni enjena. Ngicabanga ukuthi iCaf neFifa kufanele baqinise imithetho mayelana nalapho kufanele kudlalelwe khona. Lapha sikhuluma ngebhola lesigaba esiphezulu. Sikhuluma ngemidlalo yokuhlungela umqhudelwano omkhulu kunayo yonke esigabeni esikhulu, iNdebe yoMhlaba kodwa kudlalwa enkundleni enjena,” kukhala uBroos ngemuva komdlalo.
“Okwesibili, ngicabanga ukuthi akujwayelekile ukuthi ufike ezweni kudingeke uhambe amahora amathathu ngebhasi ngaphambi kokuthi iqembu lifike lapho liyakhona. Ngeke ngisho ukuthi lesi yisizathu esenze sahlulwa emdlalweni, akunjalo. Kodwa ngicabanga ukuthi izinto kumele zishintshe ngoba siku-2023 futhi sikhuluma ngebhola lesigaba esiphezulu.
“Le nkudla akuyona eyesigaba esikhokhelayo futhi iqembu ozodlala nalo awulihambisi amahora amathathu lisuka esikhumulweni sezindiza ngaphambi kokufika lapho eliya khona. Kodwa futhi ngiyakhuluma nje, lokhu akuhlangene nokwehlulwa kwethu.”
Ukwehlulwa kweBafana kuyilahlekisele ngethuba lokuqhubeka nokuhlala esicongweni nokuvula igebe lamaphuzu. Eqhulwini kuGroup C, sekuhlezi iRwanda ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emibili. Imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, izosongwa ngo-2025.
Amaqembu ayisishiyagalolunye azoqeda ehlezi phezulu emaqoqweni azozibekisela indawo kulo mqhudelwano. Amane azoqeda kangcono endaweni yesibli, azobanga indawo naqhamuka kwamanye amazwekazi. Lokhu kusho ukuthi i-Afrika inethuba lokumelwa ngamazwe angu-10 koweNdebe yoMhlaba ezoba seCanada, Mexico nase-United ngo-2026.
“Sihluliwe nje namuhla. Sinemidlalo eyisishiyagalombili okusamele siyidlale. Kuzophela konke eminyakeni emibili ezayo. Sizobona,” kusho uBross ebuzwa ngamathuba okungena kweyoMhlaba.