UKUBA semsileni kwi-log ka-Group B weCaf Confederation Cup kweStellenbosch FC akumenzi azenyeze umqeqeshi waleli qembu, uSteve Barker, kepha lokhu kubakhumbuza ibanga elide asebelihambile njengeqembu eminyakeni embalwa edlule.
Lena inkulumo egcwele ukuzethemba ephume emlonyeni kaBarker kulandela ukukhala kwezakhe ngaphansi ngo 3-1 kwiRS Berkane yaseMorocco ngempelasonto edlule eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.
Bese kungokwesibili kulandelana iStellenbosch yehlulwa kuleli qoqo kwazise ithole induku nakowokuqala emasontweni adlule ngesikhathi ivakashele iStade Mallien yaseMali.
Leli qembu laseKapa likwakhula ngesivinini esimangalisayo ebholeni laseNingizimu Afrika kusukela likhushulelwe esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL) ngo-2019.
IStellies ingompetha beCarling Knockout bangesizni edlule kanti nakwiDStv Diski Challenge (DDC) kukhonya yona.
Leli qembu okufanele ngabe liyidlalela eDannie Craven Stadium, eKapa, imidlalo yasekhaya kwiCaf kufanele ngabe lidonsa kanzima uma uzokhumbula ukuthi lidedela abadlali abawumgogodla wonke amasizini.
“Abaningi bangakubona njengokucasha ngesithupha lokhu engikushoyo kodwa okusithokozisayo wukuthi siyingxenye yemidlalo yase-Afrika,” kusho uBarker.
“Okwenziwe yiStellies kule minyaka edlule kufanele sikushayele ihlombe ngoba akukuncane. Ukubalwa neRS Berkane kukodwa kithina kufana newini.
“Lapha sikhuluma ngeqembu eseliwudle liphindelela lo mqhudelwano. Iqembu eliqhwakele kwi-log yaseMorocco okukhona kuyona izinkunzi zase-Afrika.
“Uma ubheka lapho sikhona nalapho sisuka khona uzoqonda ukuthi kungani kithina kuyinto enkulu ukufika kuleli zinga esikulona,” kuqhuba yena.
Akanankinga ngokuqala lo mqhdelwano ngebatha uBarker kwazise ukholelwa ekutheni izinto zisazojika. NgeSonto ngo-3 ntambama, iStellies izobhekana neLunda Sul ekuhambeni.
“Angikungabazi ukuthi sisengadlulela esigabeni somkhumulajezi yize siqale ngale ndlela. Emidlalweni emibili elandelayo sizobhekana neqembu lase-Angola (iLunda Sul) ekuhambeni nasekhaya.
“Emuva kwalokho sizobe sesamukela iStade Mallien ekhaya engicabanga ukuthi umdlalo esingawuwina lowo.
“Kuzoba nzima kwabanye ukungikholwa kodwa izinkinga zethu eziningi kulo mqhudelwano azihlangene nendlela esidlala ngayo,” kusho uBarker sakubalisa ngokuyidlalela kude eyasekhaya.