ONGUMPHATHI nomqeqeshi weSunflower WFC, uSiyabonga Malinga, uthi ukuthola kweqembu uxhaso kwabaHollywoodbets, kwehlise umthwalo emahlombe akhe kanye nababimbesene nabo ekuliphatheni.
ISunflower FC ingelinye lamaqembu asezakhele igama kwiSasol League KwaZulu-Natal, ngokukhiqiza abadlali abagcina bedlala esigabeni seSuper League, nasemaqenjini esizwe.
Ngempelasonto edlule iSunflower yamukele uxhaso enkampanini yokugembula iHollywoodbets, okubalwa izinsiza zokudlala ezinjangamajezi, amabhola, nokunye.
Ngokusho kukaMalinga osewe evuka neqembu laseMpumalanga, eHammarsdale, ukuthola uxhaso kubanike ukuphefumula. Wathi sebezokwazi ukubhekana ngqo nokuqeqesha nokuthuthukisa abadlali ngaphandle kokukhathazeka ngezindleko ezigqobhoza iphakethe.
“Ayikho into engijabulise njengalolu xhaso esiluthole kwabakwaHollywoodbets ngoba bese sidonsa kanzima kakhulu njengeqembu kula masizini amabili edlule. Sikuthola kunzima ngendlela eyisimanga ukubhekana nezindleko zokuphatha iqembu esikhulisa kulo izingane.
“Konke kudla ephaketheni, kusukela ekuletheni abadlali ejimini ngoba abanye bahlala kude, kuya emidlalweni yasekuhambeni. Konke kudla ephaketheni, abanye abadlali bagcina sebedlala ngamakhokho abhobokile.
“Nokho ngalolu xhaso esilutholile, ngibona wehle kakhulu umthwalo, sizolekeleleka nangezindleko zokuya emidlalweni yasekuhambeni,” kusho uMalinga.
“AbakwaHollywoodbets ababhekanga ukuthi sikuyiphi indawo njengamanje kwi-log yeSasol League, kodwa babheke imisebenzi yethu njengeqembu, okuyingakho sizizwa singabakhethekile ngokuthola uxhaso olunjengalolu kubona.”
ISunflower ebiyaziwa ngokukhonya kwiKZN Sasol League njengoba seyike yaya amahlandla amaningana kumaPlay-Off kazwelonke eSasol League, kodwa kula masizini ambalwa edlule izithole isifana neqembu elakha kabusha ngenxa yokuphundleka iningi labadlali bayo abamqoka bethathwa ngamaqembu adlala kwiHollywoobets Super League.
Phakathi kwalabo badlali kubalwa amawele akwaShamase, uSphumelele noThubelihle, bobabili abathathwa yi-University of Johannesburg (UJ), njengoba sebegijima eqenjini laseLithuania, iGintra.
Kube u-Ongeziwe Ndlangisa osekwi-University of Western Cape (UWC), uKhwezi Khoza othathwe yiDurban Ladies ngaphambi kokuqala kwale sizini, no-Asanda Hadebe othathwe yiMamelodi Sundowns engompetha abavikela isicoco sikazwelonke seHollywoodbets Super League.
Bobabili uKhoza noHadebe badlala emaqenjini esizwe, okungu-U/17, neBanyana Banyana, ngokwehlukana.
“Yize sikujabulela ukubona izingane esizikhulisayo zithathwa ngamaqembu adlala esigabeni esikhulu kunesethu iSuper League, bedlala nasemaqenjini esizwe kodwa kungiphatha kabi ukuthi amaqembu (eSuper League) awasinxephezeli ngalutho ngokukhulisa kwethu lezi zingane.
“Sigcine sesizithola siqala phansi ngenxa yokulahlekelwa kwethu yilaba badlali bethu abamqoka. Iningi labo abashelwa ngamaqembu eSuper League, agcine ebathatha. Yingakho nje kule sizini singaqalanga kahle, esinye sezizathu ezinkulu zokungenzi kahle kwethu, yiso leso - ukuqala phansi.
“Siyaxega kakhulu kule sizini, ikakhulukazi ngokuhamba kuka-Asanda Hadebe obekunguyena mdlali onamava obesesele eqenjini lethu. Kule sizini ngingakusho ngingananazi ukuthi asilweli ukuba embangweni wesicoco seligi kodwa uma siqede phakathi kwamaqembu amathathu aphezulu siyobe sisebenzile.”
Njengamanje iSunflower isendaweni yesithupha kwi-log yeSafa KZN Sasol League, kuStream A.