ULIBEKE ngembaba elokuthi ukubheke ngabomvu ukubona abadlali bakhe abahamba phambili bebuyela eqenjini maduze, umqondisi wezombhoxo kwiHollywoodbets Sharks, uNeil Powell.
Leli qembu laseThekwini livuselele amathemba alo okuya kude kwiChallenge Cup ngokushaya i-Oyonnax yaseFrance ngo 38-7 eHollywoodbets Kings Park ngempelasonto edlule. Libe seliqhwakela eqoqweni lalo ngamaphuzu angu-12 emidlalweni emithathu.
Lizodlala owokugcina wamaqoqo namhlanje eWales neDragons, eRodney Parade, eNewport, ngo-7.30 ebusuku.
Ngemuva kwalokho lizoba nesikhathi esiningi sokulungiselela umdlalo olandelayo neDHL Stormers kwi-United Rugby Championship, okuwumqhudelwano lapho izinto zingalihambeli kahle khona njengoba lisemsileni kwi-log.
Lo mdlalo uzobanjelwa eKings Park ngoFebhuwari 17.
UPowell uthe balindele ukuthi abadlali abebelimele, uBongi Mbonambi, Vincent Koch, Vincent Tshituka nabanye bakulungele ukubhekana neStormers.
“Sinenhlanhla yokuthi sinabadlali abambalwa abazobuya emasontweni amabili kuya kwamane azayo. UVincent Koch ungomunye wabo, uBongi Mbonambi, Dylan Richardson, Vincent Tshituka noReniel Hugo nabo bayabuya.
“Zonke izinkinga zokulimala kwabadlali esibe nazo kusukela kuqale isizini sezizoncipha uma sesibuya sizolungiselela umdlalo weStormers. Iningi labo lizobe selibuyile, ikakhulukazi uBongi, uKoch noTshituka.”
UMbonambi noKoch abakaze badlale kwiSharks selokhu banqoba iNdebe yoMhlaba namaBhokobhoko nyakenye kanti laba abanye balimala ngasekuqaleni kwe-URC.