Orlando Pirates 0-0 Mamelodi Sundowns
ISIGQIGQI somdlali wasenkabeni yenkundla, uNdabayithethwa Ndlondlo, sibe ngumdlali ovelele osukwini iqembu laso, i-Olando Pirates, libambana ngo-0-0 neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala weMTN8 ka-2022 izolo ntambama.
Lokho uwonkewonke ulale ukwazi kodwa okungaziwa wukuthi bekungesiye umdlali wokuqala ukwenza lokho.
Kwaba ngesifanayo kubadlali abaningi, okubalwa kubo uThandani Ntshumayelo noLehlogonolo Masalesa, abagcine beba nezinkinga ezibaqhatha nombuso wokuba ngumdlali webhola elikhokhelayo kwiPirates.
UNdlondlo ubeqala ukudlalela iPirates kwazise ufike ngemizuzu yokugcina esuka kwiMarumo Gallants.
Sekubhekiwe ukuthi ngomlenze wesibili, ongo-Okthoba 22, aphinde okufanayo noma okungaphezulu.
Lapha kwiSundowns, Ezimnyama bezibhekene nompetha besicoco esibangwayo kodwa futhi kukhona ukuthi basithathe kuyo iPirates.
NgoLwesibili iPirates iyadlala neSekhukhue United ePeter Mokaba Stadium ngo-5 ntambama.
ISundowns izoze ibuyele emidlalweni yeligi ngo-Okthoba 9 isisingatha iMarumo Gallants eLoftus Versfeld.
Nokho ngo-Okthoba 9 iyadlala neLa Passe FC kweyokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League.
Lowo mdlalo-ke kodwa kulindelwe ube lula kwiSundowns kwazise iLa Passe ngeyaseSychelles, okuyizwe elisayijaha imigudu yebhola elikhokhelayo.
Abadlali eSychelles basenza le nto yokuthi bethi bedlala bebe besebenza eminye imisebenzi eceleni kangangokuthi babhujiswa yiBafana Bafana ngo-6-0 ngo-2019, unozinti weqembu lesizwe kwavela ukuthi usebenza esitolo sokudla njengompheki.
Emdlalweni wayizolo-ke kodwa obekumqoka kubalandeli ngukubona amagoli.