USIHLALO weKwaMashu Durban Knights, uJomo Ndumo, ubona umkhulu umehluko ofike nomqeqeshi omusha, uNhlanhla “Shakes” Zwane, osanda kuthatha izintambo zokuqeqesha kuleli qembu elidlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
UZwane owazakhela igama elihlikihla kuMaZulu FC, ungene esikhaleni sikaPhilani “Maoti” Shange osanda kuqashwa enkulisa yaMaZulu.
UNdumo owayeyimenenja yeRemax Address Friends eyayidlala kwi-ABC Motsepe League, ngasekuqaleni kwale sizini uthenge isitifiketi saleli qembu ngemuva kokufakwa kwalo endalini ngabaphathi balo. Unenhloso yokubuyisa ibhola elokishini KwaMashu ebese kunesikhathi lingenaqembu esigabeni seMotsepe League.
“Empeleni uShakes uqale ngoJanuwari ukusebenza ngoba vele bese sazi ngokuhamba kukaPhilani ukuya kuMaZulu. Ngibe sengihlala ngicabanga ukuthi ngubani engingamlanda ukuzosiza iqembu. Ngabe sengibona uShakes kunguyena muntu ongakwazi ukwenza lo msebenzi. Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi kusukela eqalile nomunye umqeqeshi asebenza naye ngokubambisana - engingeke ngimdalule okwamanje ngenxa yomunye umsebenzi wakhe oseceleni - umehluko uyabonakala impela, kukhona lapho esiya khona,” kusho uNdumo.
“Yize igama leqembu lilisha kodwa abadlali esinabo ababasha esigabeni seMotsepe League, basiqonda kahle lesi sigaba. Sinabadlali abanjengoThabiso Dlamini, Phila Dlamini, Bonga Maphumulo, Notha Ngcobo nabanye abadlali abanekhono. Ngalaba badlali esinabo angingabazi ukuthi ngesizini ezayo sizobe silwela ukuwina iligi, hhayi okunye. Okwamanje silwela ukuqeda isizini sibalwa namaqembu amathathu aphezulu kwi-log.”
IKwaMashu isendaweni yesithupha kwi-log kaStream B weKZN ABC Motsepe League. Isabuye namaphuzu amabili emidlalweni emibili yakamuva esadlaliwe yomzuliswano wesibili wesizini. Izobuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya ezowudlala noMshwathi United e-JL Dube High School Ground, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-1 ntambama
Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
Stream A:
NgoMgqibelo - Ngo-12pm:
Midlands Wanderers v Umvoti FC (Harry Gwala Stadium); Njampela FC v Mkhumbane Classic (Prince Mangosuthu Stadium)
Ngo-3pm:
ULundi United v Asande FC (Prince Mangosuthu Stadium); Muzi King Masters v Durban Pioneers (Ngcedomhlophe Stadium); Summerfield Dynamos v Hellenic (Road 10016 Field)
Stream B:
NgoMgqibelo - Ngo-1pm:
KwaMashu Durban Knights v Umshwathi United (JL Dube High School Ground); Ethekwini Coastal v Ditlou FC (Twinnie Park)
Ngo-3pm:
Msinga United v Chess FC (Mzisho Stadium); Mkhambathi FC v Newcastle All Stars (Harry Gwala Stadium); Junior Eleven v FC Drakensberg FC (Kandahari Stadium)