USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, uveza ukuthi basayinise uKeagan Dolly (31) ngoba befuna afake isandla nasethimbeni labaqeqeshi.
USukazi uthe lo mdlali bamsayinise amasizini amabili. Uthe ubeqale ukujima nabo ngesonto eledlule. UDolly ungomunye wabadlali abachithwe iKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule.
Wayefike kuyo kweka-2021/22 ephuma kwiMontpellier HSC yaseFrance. Kwakwethenjwa ukuthi uzoba nesandla ekubuyiseni izinsuku zenjabulo eNaturena. Nokho ngokuhamba kwesikhathi ugcine eselizwa ngendaba ijezi.
Ubuye wahlushwa ukulimala. Ngesizini edlule udlale eyisishiyagalombili kuphela. Iwu-67 seyiyonke ayidlale edlubhe ijezi leChiefs. Ushaye amagoli awu-14, wakhanda awu-11.
Ngaphambi kokuthi asayine kwiGalaxy ubeqale wajima neSuperSport United egcine ingamsayinisanga. Iqome ukuthatha uVincent Pule obephuma kwi-Orlando Pirates.
USukazi uthe bakujabulela kakhulu ukujoyinwa umdlali onamava njengoDolly.
"Uwumdlali osemnkantshubomvu. Uma uzoqaphela kulezi zinsuku senza izinguquko ezimbalwa eqenjini. Sihambise umqeqeshi (uSead Ramovic osecija iYoung Africans yaseTanzania). Isikhala sakhe sivalwe u-Adnan Beganovic obevele ekhona. Sibonisane naye nabanye abasethimbeni labaqeqeshi ngokulanda uDolly. Akezugcina ngokudlala, uzophinde alekelele ithimba labaqeqeshi," kubeka uSukazi.
Selokhu kuqale isizini iThe Rockets ayikanqobi nowodwa kweyisithupha esiyidlalile kwiBetway Premiership. Idliwe kwemine, yadlala ngokulingana kowodwa. USukazi uqhube wathi okunye abakusayinisele uDolly ukugqugquzela abadlali babo abasebancane.
"Sinenqwaba yabadlali abasebancane. Iningi labo lizalwe ngo-2000. Isipiliyoni sokudlala kwiBetway Premiership sibuye sibashaye. Isipiliyoni sikaDolly sizobasiza kakhulu laba bafana. Uzokwazi ukubagqugquzela," kuqhuba uSukazi. Uthembise nokuthi maduze bazoyithola imiphumela. NgoLwesibili iGalaxy izobhekana neSekhukhune United ngo-7.30 ebusuku, ePeter Mokaba Stadium.
Phakathi kwempumelelo kaDolly ukunqoba neMamelodi Sundowns iTelkom Knockout, isicoco seligi ngo-2015/16 neseChampions League ngo-2016. Wayekhona eqenjini lesizwe lika-Under 23 elanqoba i-African Cup of Nations (Afcon), ngo-2015. Ngesizini ka-2013/14 waqokwa njengePSL Young Player of the Season.