UKHOLWA ukuthi iqembu lakhe lizokwenza konke okusemandleni ukuze lifinyelele kuma-quarterfinal eCaf Champions League, yize lingayitholanga imiphumela ebeliiyifuna emidlalweni edlule umdlali wasemuva weMamelodi Sundown, uZuko Mdunyelwa.
AmaSandawana azobhekana neqembu laseDemocratic Republic of Congo, i-AS Maniema Union, emdlalweni omqoka kuwona womabili amaqembu namuhla ngo-3 ntambama, eStade des Martyrs de la Pentecôte, eKinshasa.
-AS FAR yaseMorocco iqhwakele kuGroup B ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine, ilandelwe yiSundowns ngamahlanu. Elinye laseMorocco, iRaja Casablanca, lisendaweni yesithathu ngamaphuzu amane, kuthi iManiema ibe semsileni ngamaphuzu amathathu.
Njengoba wonke amaqembu esalelwe yimidlalo emibili akukacaci ukuthi yimaphi azodlulela kweyomkhumulajezi nazosala ngaphandle.
ISundowns iwuqale ngebatha umqhudelwano ibambana ngo 0-0 neManiema ekhaya, yaphinde yadlala ngokulingana ne-AS FAR ekuhambeni.
Umqeqeshi uMiguel Cardoso, ovale isikhala sikaManqoba Mngqithi ngoDisemba nyakenye, uyitholele amaphuzu aphelele okokuqala ngesikhathi iguqisa iRaja ngo 1-0 ePitoli. Nokho, izinto ziphinde zabhimba ngesikhathi leli qembu libuyisa izinduku eMorocco, linqoba ngo 1-0 kowakamuva weChampions League.
IManiema ayikanqobi nowodwa umdlalo kuleli qoqo kodwa iwagcinile amathuba okudlulela esigabeni somkhumulajezi ngokudlala ngokulingana emidlalweni emithathu.
Alikho iqembu elisaphume namaphuzu aphelele eKinshasa kuleli qoqo njengoba iMainema ikwazile ukubamba iRaja ngo 1-1, yaphinde yenza okufanayo kwi-AS FAR.
Lokhu kusho ukuthi iqembu likaCardoso kufanele likhuphule izinga ukuze lithole amaphuzu eliwadingayo ukuze lingene emdlalweni wokugcina lisendaweni enhle.
“Akukapheli ngathi kwiChampions League, sizokwenza okufanele sikwenze ukuze siqhubekele phambili. Kufanele senze okusemandleni ethu bese siyabona ukuthi kwenzakalani. Ngeke sikwazi ukugxila kosekudlulile ngoba esingakulawula yilokhu okusazokwenzeka,” kusho uMdunyelwa.
“Sisenalo ithuba lokuwina iligi, iChampions League neNedbank Cup. Isifiso sami wukuthi sithathe zonke lezi zicoco ezisele ukuze sibe nesizini enhle.”
ISundowns izoya kulo mdlalo ngaphandle kwabadlali ababili abamqoka, owasesiswini uBathusi Aubaas, nesitobha uKhuliso Mudau, abakhishwa ngamakhadi abomvu ngesikhathi bebhekene neRaja.