IBAMBA lomqeqeshi weRichards Bay, uRonnie Gabriel, livuma ukuthi ukuphikwa imiphumela sekwehlise ukuzethemba kubadlali babo.
AmaZulu aphinde athela usawoti esilondeni samaRich Boyz ewashaya ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto edlule.
Igoli lawo lokubika linamathiselwe enethini nguYanela Mbuthuma esikhathinini esengezwe ngunompempe. Bekuwumdlalo wesine kulandelana iBay ithola umpentshisi. Kulesi sibalo kukhona nomdlalo owandulela owamanqamu weCarling Knockout eshaywe kuwona yiMagesi egcine ingompetha. Emidlalweni yePremiership eyisishiyagalolunye, iBay isanqobe oweTS Galaxy kuphela. Idliwe kweyisithupha, yadlala ngakulingana kwemibili. Ilele indaweni yokugcina ka-16 kwi-log.
Ekupheleni kwesonto eledlule, ikhombe indlela uBrandon Truter obeyiqeqesha ngenxa yakho ukuhlulwa yimiphumela. Kwenzeka lokhu nje, ngesizini edlule leli qembu likaSifiso "Jomo" Biyela, libuye kuma-play-off ngemuva kokuqeda endaweni ka-15 kwi-log yePremiership. Nangesizini ka-2022/23 kwacishe kwayibhedela.
Kuzokhumbuleka nokuthi ngaphambi kokuqala kwesizini ephezulu, iBay yathola abaxhasi bakwaPhakwe Gas abayigixabexa ngesamba sika-R100 million. Kwathiwa u-R60 million uzoxhasa iqembu iminyaka emithathu, u-R40 million kube ngowezinsizakudlala.
UGabriel obambe izintambo noSiboniso Gumede, uthe isimo ababhekene naso sesenze nabadlali baphelelwa ukuzethemba.
"Ngeke sikuphike ukuthi lokhu kuphikwa yimiphumela sekwenze abadlali bethu baphelelwa wukuzethemba enkundleni. Siyazama ukulolonga imiqondo yabo nokubakhumbuza ukuthi siphuma kuphi nokuthi sizama ukuya kuphi. Sihlale sibatshela nokuthi bakhohlwe imiphumela edlule, bagxilise imiqondo emdlalweni elandelayo," kubeka uGabriel owazakhela igama eminyakeni edlule enyusela Uthongathi kwiMotsepe Foundation Championship.
Uqhube wathi: "Ukuze siqhubekele phambili kumele nemizimba yabo siyiqeqeshe ngendlela efanele ukuze ibe sesimweni esifanele. Sizoqhubeka nokubaqeqesha ukuze badlale ibhola elihle. Ngeke kusisize ukulahla ithemba kwabadlali bethu, kumele siye phambili."
NgoLwesihlanu iBay izodlala neSuperSport United khona eKing Zwelithini Stadium.