UMGADLI weMilford FC, uNqaba Xulu, yize ayefisa ukubona iqembu lakhe lakudala likhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship, kodwa ukuthatha amehlo ezinhloli zeMilford kwamthoba inhliziyo njengoba esenesifiso esikhulu sokukhuphukela naleli qembu kwiBetway Premiership.
UXulu (23) waseZimendweni, KwaNongoma, ngesizini edlule ubegijima kwiNjampela ebimele iKwaZulu-Natal kumaPlay-Offs kazwelonke, nokho engaphumelelanga kule midlalo ukukhushulelwa kwiMotsepe Championship.
Nokho, uXulu nozakwabo uFanele Sibiya ongumdlali wasesiswini, bakwazi ukuthatha amehlo ezinhloli zeMilford njengoba basayinwa yileli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Kwaba buhlungu kimina nozakwethu ukungaphumeleli neNjampela ukukhushulelwa kwiMotsepe Championship, sasesinethemba ngenxa yokufinyelela kwethu kweyandulela owamanqamu.
“Kodwa-ke ukusayinwa kwami yiMilford kwangithoba inhliziyo ngoba vele isifiso kwakuyikho ukuthi ngidlale kwiMotsepe Championship.
“Esengizimisele ngakho njengamanje ukubamba iqhaza ekusizeni iMilford emshikashikeni wethu wokulwela ukuwina isicoco seligi, ngigcine ngilifezekisile iphupho lami nabanye ozakwethu lokudlala esigabeni seBetway Premiership,” kusho uXulu, okhule ezifela nge-Orlando Pirates.
IMilford, eqeqeshwa nguMandla Qhogi, isendaweni yesine kwi-log yeMotsepe Championship ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-15. Yehlukaniswe ngamaphuzu ayisithupha neDurban City eqhwakele phezulu ngamaphuzu angu-31 emidlalweni elinganayo.
Ngemuva kokubuya nephuzu ekuhambeni ngeledlule ibambana ngo 1-1 ne-University of Pretoria, iMilford ibuyela ensimini ngomdlalo wasekhaya neVenda FC, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, kusasa ngo-3.30 ntambama.
“Kuyisibopho sethu kule sizini ukuthi emidlalweni yasekhaya singadedeli lutho, yingakho siyolwela ukuthi amaphuzu amathathu sibuye nawo kulo mdlalo esiyowudlala neVenda,” kusho uXulu.
Yize kungeke kube umdlalo olula, kodwa wona amaphuzu amathathu siwafuna esalile ekhaya ngoba sifuna ukuqhubeka nokuba sembangweni weligi. Futhi sisenethuba njengawo wonke amaqembu angaphezulu kwethu,” kuqhuba lo mgadli osashaye amagoli amathathu.
“Njengoba kuyisizini yami yokuqala le kwiMotsepe Championship, bengingathandi ukuzifakela ingcindezi. Umgomo engizibekele wona njengomgadli ukushaya amagoli ayisikhombisa kodwa futhi ngiyazi ukuthi ngisengawashaya angaphezulu kwalawa esengiwashayile njengamanje ngisize iqembu ekuwineni imidlalo.”
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship
Namuhla - Ngo-3.30pm: Pretoria Callies v Kruger United (TUT); Black Leopards v Orbit College (Thohoyandou); Baroka FC v Hungry Lions (Global); JDR Stars v Leruma United (Soshanguve)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Milford v Venda (Princess Magogo); Upington City v Cape Town Spurs (Mxolisi Dicky Jacobs)