ULINDELE umdlalo onzima umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, uma sebedlala neMarumo Gallants esesimweni esifana nesabo njengoba womabili la maqembu engakabhalisi nelikubika iphuzu kwi-Betway Premiership.
AmaZulu aseshaywe emidlalweni emibili. Avule ngenduku ka 2-1 kwiPolokwane City, alandela ngesinye sika 3-1 asithole kwiKaizer Chiefs ngoLwesithathu, eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
Asebhekene nenselelo yokuvuka azithathe abuyise isithunzi ngomdlalo wasekuhambeni neGallants eFree State Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.
Ngakolunye uhlangothi, iGallants nayo isishaywe emidlalweni emithathu ilandelana, ibuya esibhaxwini sika 4-1 esithole kwiMamelodi Sundowns ngoLwesibili.
“Ngicabanga ukuthi ngendlela esidlala ngayo, sizoyithola imiphumela futhi sizokwazi ukushaya amaqembu amaningi. Uma ubheka nakulo mdlalo wethu (neChiefs) yithina ebesiphezulu ngokugcina ibhola kuzo zombili iziwombe.
“Nokho ukuba phezulu ngomdlalo akusizi uma ungawesebenzisi ngendlela amathuba owatholayo okushaya amagoli, izitha ziyawathola ziwasebenzise. Umehluko ulapho,” kusho uMartin ngemuva kokubhudluzwa iChiefs.
Ephawula ngomdlalo wabo neGallants, uMartin uthe: “Yonke imidlalo yePSL ibalulekile, ikakhulukazi uma ubuya ekushayweni. Sisesimweni esifanayo nabo (abeGallants) njengoba nabo bengakawatholi amaphuzu, ngakho lo mdlalo wethu nabo ungobaluleke kakhulu. Wonke amaqembu ePremiership anezinhloso ezinkulu njengoba nathi sinezinhloso ezinkulu ngakho angicabangi ukuthi bazodlalela nje ukuvika izembe. Ngakho silindele umdlalo unzima kodwa okufanele siwunqobe ngoba siwadinga kakhulu amaphuzu.”
UMartin usho kanjena nje, usemdibi munye nabaqeqeshi bePremiership asebengaphansi kwengcindezi yokukhonjwa indlela uma amaqembu abo eqhubeka nokungatholi imiphumela egculisayo, okubalwa kubona nozakwabo weGallants, uDan “Dance” Malesela ayobhekana naye.
Njengoba uMartin ekuvezile ukuthi unozinti uRichard Ofori, useqalile ukuziqeqesha kubhekiwe ukuthi kungenzeka yini aboshelwe kulo mdlalo ngenxa yamava akhe njengoba unozinti wokuqina uVeli Mothwa ehlelwe yifomu, futhi ebesebhentshini koweChiefs kuvimbe u-Olwethu Mzimela.