UKUKHALA kwesando namuhla uma sekudayiswa esidlangalaleni iRoyal AM kuzosho ukushabalala kweqembu elaqala libukeka linezinhloso ezinhle ebholeni laseNingizimu Afrika.
Kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-1 emini, i-AM kuzobe kunqakiswana ngayo ukuze iwele ezandleni zikasozimali ozoqhubeka nayo kwiBetway Premiership. Lona ngumphumela wezinkinga ezithinta ukukweleta intela zomphathi wayo, uShauwn "MaMkhize" Mkhize, okweleta iSouth African Revenue Services (Sars) imali ebalelwa ku-R40 million. Ekuqaleni kwesonto lo mqoqintela ukuqinisekisile ukuthi useqalile ukwamukela izicelo. Ngokwesimemezelo, bonke abafuna ukufaka izicelo sokubanga iqembu kufanele bathumele isigidi samarandi ukuqinisekisa ukuthi bayalifuna. Ngaphezu kwalokho kufanele baveze ubufakazi bokuthi ajule kangakanani amaphakethe abo ngaphansi komthetho, iFinancial Intelligence Centre Act (Fica). Umuntu elizowela kuyena iqembu uzomenyezelwa ngoMsombuluko.
Kubantu okuvela ukuthi bacuthele i-AM kukhona nowayekhulumela iSuperSport United osengeke kwezepolitiki, uDavid "Mazolman" Sikhosana, okuthiwa uhambisana nomngani wakhe ongusomabhizinisi onamatekisi. Nokho okubhekwe kakhulu ngokwabantu baseFree State abafuna ukuvusa iBloemfontein Celtic eyathengwa nguMaMkhize ngesikhathi ebumba i-AM ngo-2021. Kulaba bantu kukhona noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie, osanda kuphumela obala ngokuthi uyise ongasekho wamshiya nomyalelo wokuthi avuse Isiwelele Samasele.
"Baningi abantu abafuna ukulithenga iqembu. Lizodayiswa esidlangalaleni ngoLwesihlanu. Abantu abaletha iqembu eFree State sebeqede konke ngesinye isivumelwano kodwa okwamanje akuvumelekile ukuthi kumenyezelwe ngenxa yokusayina umbandela wokugcina imfihlo. Ibhola laseFree State liyabuya. ISiwelele siyabuya, noma kanjani,"ucashunwe esho kanje uMcKenzie ngesonto eledlule.
Abaphathi abasha be-AM bazothwala zonke izikweletu zeqembu okubalwa kuzona imiholo yabadlali. Isikweletu esikhulu ngesikaSamir Nurkovic sika-R15 million okwanqanyulwa inkontileka yakhe udaba wagcina elufake kwiFifa. Omunye okweletwayo nguRicardo Nascimento waseBrazil ongakhokhelwanga u-R600 000 wakhe. Abaphathi abasha kufanele baqale baxazulule inkinga yeFifa evimbele i-AM ukuthi isayinise abanye abadlali. Okunye wukubhekana nePremier Soccer League (PSL) ngodaba lwemidlalo iqembu elisele ngayo. I-AM imisiwe yiPSL kulandela ukwehluleka kwayo ukuqinisekisa ukuthi izokwazi ukudlala imidlalo ngaphansi kwale nhlangano. I-AM isemsileni we-log yeBetway Premiership ngemidlalo engu-11.
Ukukhala kwesando namuhla kuzoqinisekisa umphathi omusha waleli qembu nokushabalala kwegugu likaMaMkhize nendodana yakhe, u-Andile Mpisane, akusho kaningi ukuthi wathenga iqembu ngoba kuyiyona ethanda ibhola.