KUNCONYWE iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, ngokuzama konke okusemandleni ukuvikela ibhentshi leChippa United ngesikhathi lisempini yamazwi neleBucs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Ngokusho kukaKwanele Kopo oyinhloko yabaqeqeshi kwiChippa, uNcikazi uyena yedwa okhombise ukukhula ngokomqondo ebhentshini lePirates.
Emuva komdlalo, uKopo uchaze indlela ibhentshi lePirates eliziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka lo mdlalo njengengamukelekile ebholeni.
“Kukona konke ukuthukwa ngezinhlamba nokuhlokolozwa kwabadlali bami, uNcikazi ukhombise ubudoda ngokuba uyena yedwa ebhentshini lePirates obezama ukudambisa uthuthuva,” kusho uKopo esithangamini nabezindaba.
“Noma sekuphele umdlalo uNcikazi uyena futhi okhombise ukukhula ngokomqondo, weza kithina wazoxolisa ngendlela ibhentshi lakhe eliziphathe ngayo.
“Kubona bonke abebesebhentshini lePirates, nguNcikazi yedwa obezama ukudambisa lokhu obekwenzeka ngoba uyakuqonda okwamukelekile nokuphuma esandleni,” kuqhuba yena.
UKopo ozakhele igama ezikwatini ezincane zeSuperSport United uveze nenhlese yokuthatheka kancane ngenxa yebala lakhe kule nkulumo yakhe yangoMgqibelo.
“Sonke singabaqeqeshi ngakho-ke ithina esazi kuqala uma kukhona (umqeqeshi) ohleli ngesinqe esisodwa emsebenzini wakhe kodwa ngeke usizwe sisho lutho ngoba siyabahlonipha abanye abantu.
“Sikhule ngezikhathi ezimbi eNingizimu Afrika manje kunamagama ezinye izilimu athinta izindawo ezithile uma uwezwa ebhekiswe ngakuwena.
“Okuphoxa kunakho konke ukuthi sithukwa nje, unondweba nabasizi bakhe bakhona kodwa bayazibukela. Angazi noma kungenxa yalo mkhuba okufanele siwuyeke singabantu baseMzansi wokunganaki uma owelinye ibala ekhuluma kabi nathi,” kubalisa uKopo.
Esesonga lo mqeqeshi, uncome abantu baseGqeberha ngokuphuma ngobuningi babo wase evala ngokuthulela isigqoko usihlalo, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, ngokubeseka njalo.
“Kucacile ukuthi abantu bathokozele umdlalo omnandi kodwa okusemqoka kithina ukuthi sidlale ngendlela abesiyaleze ngayo usihlalo.
“Asizange sikhombise ukuyesaba iPirates njengoba ebesiyalezile. Siyabonga kusihlalo nangokuseseka ngakho konke esikudingayo njalo,” kuphetha uKopo.
La maqembu asezohlanga ngoLwesithathu, koweDStv Premiership, e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku.