UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uthi umagange ngempumelelo futhi usashabashekele ukuzuza ukukhulu kwezokuqeqesha.
UKhenyeza (41) ungomunye wabaqeqeshi beDStv Premiership abasalambele ukuzakhela igama kwezokuqeqesha, kubukeka esayibambe ngohlelo kwiGolden Arrows esefomini enhle selokhu kuqale le sizini.
I-Arrows izibekisele indawo kuma-quarterfinal omqhudelwano womkhumulajezi iCarling Black Label Knockout ngokubhuquzisa iCape Town City ngo 3-1 ngeledlule.
Leli qembu libuyela ensimini ngomdlalo weDStv Premiership neKaizer Chiefs, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, namuhla ngo-3.30 ntambama.
"Ngingumuntu ohlale ngaso sonke isikhathi enentshisekelo yokuphumelela, okuyikho namanje njengoba nje nginesifiso esikhulu sokuphumelela ngaphandle kokuzibekela umkhawulo ngoba mina anginayo umkhawulo ebholeni ngengifisa ukukufeza.
“Kukhona lapho engifuna ukufika khona kodwa angazi ukuthi ngizofikaphi,” kusho uKhenyeza, ephendula umbuzo weSolezwe Ngempelasonto.
Ukwenza kahle kwe-Arrows selokhu kuqale le sizini, cishe kunika inhlansana yethemba kubathandi bebhola baKwaZulu-Natal ngokuphela kwesomiso seminyaka sezindebe njengoba lesi fundazwe sagcina ngayo i-Arrows ukuba neqembu eliphakamisa indebe, ngeMTN 8 ngo-2009.
UKhenyeza othathe ngokugcwele izintambo zokuqeqesha Abafana Bes’thende ekuqaleni kukaSepthemba emuva kokushiya isigubhukane kukaVusumuzi Vilakazi ubhekene nenselelo yokukhipha amangwevu akhe kwezokuqeqesha njengoba enikwe ethuba.
Ephawula ngokubhekana neChiefs, uKhenyeza uthe: “Yonke imidlalo kithina iyefana, akukhathalekile ukuthi siyodlala naliphi iqembu, awukho umdlalo esiwuthatha njengobalulekile kunomunye ngoba kuyona yonke imidlalo silwela ukuthola amaphuzu amathathu.
“IChiefs le esiyobhekana nayo ingelinye lamaqembu angu-16 akhona kwiPremiership, ngakho-ke akukho okwehlukile esikwenzile emalungiselelweni ethu ukuyobhekana nayo. Asizikhathazi futhi asizifaki ingcindezi ngokuyobhekana nayo (iChiefs), esigxile kukho wukwenza kangcono emdlalweni nomdlalo esiyowudlala,” kusho uKhenyeza, engafuni ukuphendula ngqo umbuzo ngabahlose ukukwenza emdlalweni weChiefs.
Abafana Bes’thende bayobhekana naMakhosi azoba eholwa okokuqala ngumqeqeshi osabambile, uCavin Johnson, kulo mdlalo.
UJohnson ongelona ivukana ekuqeqesheni noqashwe ngaMakhosi ngoSepthemba, kwesokuba yinhloko yenkulisa-badlali yawo, nakuba esanikwe isikhundla sokuqeqesha leli qembu njengebamba, kodwa akungatshazwa ukuthi uma engafika akhiphe amangwevu kubonakale, nakanjani angagcina esegixabezwe ngokugcwele ngesikhundla sokuqeqesha leli qembu ngokugcwele.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Ngo-3.30pm:
Lamontville Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Mpumalanga Stadium)
Ngo-5.45pm:
Chippa United v AmaZulu FC (Nelson Mandela Bay Stadium)
Kusasa:
Ngo-3.30pm:
TS Galaxy v Sekhukhune United (Mbombela Stadium); Richards Bay FC v Cape Town City (King Zwelithini Stadium)