I-STELLENBOSCH FC isiqalile ukuthekela ulwazi kwiMamelodi Sundowns ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ifika isiwucijele ngayo yonke indlela umqhudelwano weCaf Champions League okusamele iwine umdlalo wayo wokugcina weDStv Premiership ukuze ibe ingxenye yayo.
Lokhu kwaziswe abezindaba umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, ngesikhathi ekhuluma nabo ngoMgqibelo, kulandela ukukhala kwezakhe ngaphansi kwiSundowns ngo 1-0 eKapa ngempelasonto, yize lo mphumela ungazange uzigudluze endaweni yesibili kwi-log.
IStellies ibambelela kule ndawo ehamba negunya leChampions League noma ishayiwe nje, kungenxa yomphumela ophoxe, uJose Riveiro, otholwe iqembu lakhe (i-Orlando Pirates) lishaywa i-TS Galaxy eMbombela Stadium, ngosuku olufanayo.
EzikaBarker kumele ziqoqe amaphuzu agcwele ekuhambeni emdlalweni wokugcina ezizowudlala neRichards Bay FC ngoMgqibelo.
Uma iStellies ingawini izobe ivulela iPirates uphawini wokuthi kube iyona ehamba neSundowns kodwa nakuyona konke kulele ekutheni iyawunqoba yini owayo ekhaya neSuperSport United.
“Ongasiboni isidingo sokucela ulwazi kwiSundowns okwakhe lokho kodwa thina ngeke siliyeke ithuluzi elimqoka likhona phambi kwethu,” kusho uBarker.
“Konke esikwenzayo sikwenza ngokwazi ukuthi ithina esiya kwiChampions League ngisho ngabe imiphumela ithini.
“Kusezandleni zethu (ngenxa yemiphumela yangoMgqibelo), ngakho-ke siya kowokusonga isizini siqonda ukuthi uzobanzima kodwa siyakwazi okusihlalele emuva kwawo uma siwunqoba,” kuqhuba yena.
UBarker akajiki ekutheni amaqembu afuna ukukhula kuyawaphoqa ukuba asondelane neSundowns.
“Sonke sifisa ukuba sezingeni leSundowns. Sebebumbene ngale ndlela yokuthi sebeyakwazi ukuwina imidlalo ngisho kungafanele. Uma iqembu selikulelo zinga kuba lukhuni satshe ukubhekana nalo,” kuqhuba yena.
“Sesinesikhathi siqalile ukukhuluma neSundowns ngendlela yokwenza izinto emidlalweni yase-Afrika enkundleni nangaphandle kwayo.
“Basivulele izandla okuyinto esijabulise kakhulu ngakho-ke sizama konke okusemandleni ukuncela lokhu esingakuthola.
“ISundowns ihlukile kunathi ngokwephakethe okusho ukuthi inabadlali abaningi nabangcono. Ukusondelana nayo kuyasisiza nakulokhu ukuba sifunde ukuthi singenzenjani ukugcina isikwati sethu siwumqemane kuyona yonke imiqhudelwano njengoba isizokwanda,” kuphetha uBarker.
ISundowns izobuyela kwiChampions League ngemuva kokudla isicoco seDStv Premiership okwesikhombisa kulandelana.