I-CAPE Town Spurs ishintshe umqondo mayelana nokusayinisa unozinti uSiyabonga Mbatha, kanti ngesonto eledlule kubikwe ukuthi ichazekile ngaye ngesikhathi eziqeqesha nayo.
ISpurs isemsileni we-log yeDStv Premiership ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo engu-16. Isahlule i-Orlando Pirates kuphela kule sizini, yathola nephuzu elilodwa kuMaZulu FC.
Isingenelwe ngamagoli amaningi kunawo wonke amaqembu ngoba isidedele angu-33. Emasontweni adlule umqeqeshi weSpurs, u-Ernst Middendorp, utshele unozinti uSam Ramsbottom ukuthi ngeke aphinde adlale eqenjini ngenxa yokungagculiseki ngomsebenzi wakhe ezintini. Ngeledlule kuvele ukuthi iSpurs ihlola uMbatha ochithwe yiLamontville Golden Arrows, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024 futhi uMiddendorp ufuna ukumsayinisa. Bekuthiwa ngisho umqeqeshi wonozinti uThembalethu Moses, uchazekile ngoMbatha. Nokho iphephandaba selihoshe ukuthi iSpurs inqume ukungamsayinisi ngenxa yokuthi uSean Connor oyiTechnical Director, akagculisekile ngaye ngenxa yesisindo sakhe.
Imenenja yeSpurs, uShoes Mekuto, ithe nguMiddendorp oshaye phansi ngonyawo.
“Ngumqeqeshi ongavumanga, nguyena othathe isinqumo. Ngokwami ngiyayithanda indlela ayiyona uMbatha. Simlethe lapha ukuthi azoziqeqesha siyazi inkinga yesisindo sakhe kodwa ngumqeqeshi othathe isinqumo. Asikwazi ukuphikisana naye. Singaba nemibono kodwa ekugcineni nguyena othatha izinqumo. Asilula isikhathi esikusona okwamanje,” kusho uMekuto.
ISpurs ihlalelwe wumsebenzi wokuqinisa iqembu njengoba livuliwe izolo iwindi lokubhalisa abadlali lePremier Soccer League (PSL). Emasontweni adlule, uMiddendorp uveze ukuthi ufuna ukuthola abanye abadlali okubalwa kubona umgadli ozobashayela amagoli, nomdlali wasemuva.
“Sizolandela okufunwa ngumqeqeshi. Asifuni ukuxhamazela. Sinalo uhlelo lokusayinisa abanye abadlali njengoba kuvulwa iwindi likaJanuwari kodwa umqeqeshi kufanele ajabule ngabo. Sibheke ukumnika noma yini ayidingayo. Inkinga ngewindi likaJanuwari wukuthi ungabafuna abadlali kodwa konke kuncika ekutheni bayatholakala yini nokuthi amaqembu abakuwona ayavuma yini ukubadedela,” kuchaza uMekuto.
ISpurs izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 14 isiyodudulana neRoyal AM eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Imidlalo yePremiership izobuya ngoFebuwari 13 ngenxa yomqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezodlalelwa e-Ivory Coast, kusukela ngoJanuwari 13 kuya kuFebhuwari 11.