ISITOBHA seKaizer Chiefs, uGiven Msimango, sinxenxa abalandeli baleli qembu ukuba bangalokothi badikibale ukulilandela nokuleseka yize imiphumela ibuye ibashiye bephoxekile kwesinye isikhathi.
Ngokusho kwekhempu yamaMakhosi, leli qembu lizama ukuqeda isizini ka-2023/2024 endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership okuhamba negunya lokumela i-Premier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Imiphumela yakamuva nokho ikhomba ukuthi leli qembu, likaCavin Johnson, lilwela ukuqeda libalwa nakwi-Top 8 okuzolivulela ithuba lokulwela iMTN 8.
Lo mdlali ubekhuluma nethimba labezindaba leChiefs kulandela ukulahla kwalo amaphuzu emdlalweni odlule weDStv Premiership neCape Town City eKapa, ngaphambi kokubhekana neStellenbosch FC kowangoLwesibili ebusuku, e-FNB Stadium, eGoli.
IChiefs igcine iguqe ngo 1-0 koweStellies.
Kodlule Amakhosi acazelane ngamaphuzu neCity kuba ngu 0-0, abesuka endukwini ka 3-2, yezimbangi zawo ezinkulu i-Orlando Pirates ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeFifa lakamuva.
“Njengaso sonke isikhathi, abalandeli bethu balokhu beqhubeka ngokuseseka ngisho izinto zingahambi kahle njengoba benzile eKapa besihlangabeza esikhumulweni sezindiza,” kusho uMsimango.
“Uthando abasinika lona luyamangalisa futhi lwenza sikulangazelele ukubenzela okuhle ngenhloso yokubonga.
“Siyakuqonda ukuthi imiphumela ibuye iphoxe kodwa balokhu benathi ngaso sonke isikhathi okwenza nakulokhu ngiphinde ngibakhuthaze ukuthi benze okufanayo.
“Kukho konke esikwenzayo sihlale sibacabanga ingakho ngibanxenxa nakulokhu ukuthi baphume ngobuningi babo ukuze iStellenbosch nanoma ubani osazosivakashela kuze kuphele isizini ezozwa ukuthi usekuhambeni,” kuqhuba uMsimango.
“Thina (abadlali) nabalandeli siwumndeni ohlanganiswe uthando lweChiefs ngakho-ke injabulo nosizi sikuzwa ngendlela efanayo. Sindawonye kule nto esihlanganisile ngakho-ke manje akusona isikhathi sokulahlana.
“Ubudlelwano bethu buhle futhi kufanele siqhubeke nabo kukuhle noma kukubi eqenjini lethu. Ukugcwalisa kwabo inkundla kusinika amandla okukhombisa olwethu uthando ngabo ngendlela esidlala ngayo,” kusho uMsimango.
Imidlalo elandelayo iChiefs ezoyidlala ekhaya kulo nyaka, oweSuperSport United ngo-Ephreli 27 bese ivala inyanga neMamelodi Sundowns ngo-Ephreli 30. Lawa ngamanye amaqembu okumele ithathe kuwona amaphuzu uma uMsimango nozakwabo bezimisele ukujabulisa abalandeli babo.
Imidlalo yeDStv Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Golden Arrows v SuperSport United (Mpumalanga Stadium); Moroka Swallows v Orlando Pirates (Dobsonville Stadium); TS Galaxy v Royal AM (Mbombela Stadium); Chippa United v Cape Town Spurs (Nelson Mandela Bay Stadium).