Orlando Pirates (0) 1
Royal AM (0) 1
I-ORLANDO Pirates iwadedele ekugcineni amaphuzu abezoyifaka ngomlenze owodwa kwiCaf Champions League ngesikhathi ivumela iRoyal AM ukuba ibuye seliyoshona emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Igoli lokuqala lomdlalo lingene esiwombeni sesibili kuba umkhonto ogwaza ekhaya ka-Elias Pelembe, kwathi esikhathini esengezwe unondweba, uMenzi Masuku, wona umcimbi weqembu lakhe lakudala ngokulinganisa.
Bekungelula ukungasiqapheli isikimu sePirates ukuthi sishintshile kulo mdlalo kwazise bayisithupha abadlali abangazange bawuqale owe-TS Galaxy kepha basuke nawo phansi lona weThwihli Thwahla.
Phambi kwalo mdlalo, iPirates ibisinqobe imidlalo yeligi eyisithupha kulandelana ngesikimu esisodwa kodwa umdlalo uqalwe uBandile Shandu, Kermit Erasmus, Sandile Mthethwa, Ndabayithethwa Ndlondlo, Makhehleni Makhaula, Fortune Makaringe noRelebohile Ratomo (17), obebonakala okokuqala esikimini esikhulu.
Kucacile-ke nokho ukuthi nowandulela owamanqamu weNedbank Cup, iPirates ewudlala neKaizer Chiefs ngoMgqibelo, ubusemqondweni womqeqeshi wePirates, uJose Riveiro.
Kwesezivakashi isikimi, bekugqame uHappy Jele, obebhekene neqembu lakhe elidala okokuqala kusukela elishiyile ekupheleni kwesizini edlule.
Imizuzu yokuqala engu-10, ikhombisile ukuthi iPirates ebisenkundleni ayijwayelene kwazise akukho minyakazo etheni ebiqhamuka ngaseqenjini lasekhaya.
Nokho uHotto bekumele ayibeke phambili ngomzuzu ka-16 kodwa wakha amabhilidi kulandela iphasi enhle ka-Erasmus.
Naye u-Erasmus ulandelile wenza okufanayo, eyeka ithuba elilula kakhulu kunelikaHotto emuva kwephutha likaJele kwasebenza, uJabulani Ncobeni, olikhiphe sekusele ukuthi leqe umugqa.
Uphinde waphola umdlalo emuva kwale minyakazo kwaze kwaba ikhefu.
Kubuywe ekhefini kusafana kwazise iPirates ibisaqhubeka nokwakha amathuba kodwa iqiniso ukuthi ibingeyona ingozi kangako kuMondli Mpoto, obevimbele izivakashi.
Kuchwaze inkundla yonke ngomzuzu ka-56, uRatomo ebeka iBucs ebuhleni ngegoli elishayise kuPelembe, lamdida uMpoto.
Ligcine linikwe uPelembe igoli kwaphucwa uRatomo obonakala ngisho ebusweni ukuthi usemncane ngokweminyaka.
Lokhu kuphoqe ukuthi iRoyal AM ifake uMfundo Thikazi, ojwayele ukuyitakula ngesikhathi esifanayo iPirates yafaka, uMonnapule Saleng, othathe indawo kaHotto.
Bobabili abaqeqeshi benze ezinye izinguquko kwaqala kwavela amathuba nhlangothi zombili okugcine ngokuthi iPirates ilale emuva, kwavela ithuba lokulinganisa kuMasuku, walingqofela phakathi ngekhanda.