IMPUMELELO yeMagesi imangaza ngisho uSolly Makhubela ongusihlalo wayo.
Leli qembu elingomakoti kwiBetway Premiership, lizobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu eCarling Knockout, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama, eFree State Stadium.
Lasungulwa ngo-2011, eMoletsi, eKgabo Park, eLimpopo. Ngesizini ka-2015/16 lanyukela kwi-Safa ABC Motsepe League kwathi kweka-2016/17 ladlulela kwiMotsepe Foundation Championship eyayaziwa ngeNational First Division (NFD).
Ekupheleni kwayo ladliwa izembe. Lize labuyela kwiChampionship kweka-2022/23. Lasonga endaweni ka-12. Izinto zilihambele kahle kwedlule njengoba lisonge kweyokuqala, kwaba ukwenyukela kwalo kwiBetway Premiership.
Emqhudelwaneni walo wokuqala esigabeni esikhulu, iMagesi isifinyelele kowamanqamu eCarling. Indlela iyicabe ngokwedlula kwi-Orlando Pirates, TS Galaxy neRichards Bay.
UMakhubela utshele Isolezwe ukuthi nakuba bekuyisifiso sabo ukufinyelela kwiBetway Premiership kodwa osekwenzeka bebengakulindele.
"Empeleni le mpumelelo iqale ngisikhathi sibuyela kwiNFD kumazini adlule. Nakhona sasizitshela ukuthi sisazoke sithi ukuzinza. Nokho sivele sahlala isizini eyodwa sabe sesinyukela esigabeni esikhulu. NakwiCarling besingazitsheli ukuthi sizohamba ibanga elide kangaka. Besingazi nokuthi sizodlula naseqenjini elifana nePirates. Nathi impela simangele," kubeka uMakhubela.
Uqhube wathi: "Nakuba kungaba into enhle ukunqoba le nkomishi kodwa kithina ukufinyelela kowamanqamu kuyinto enkulu kukodwa. Sizobhekana neqembu elinzima. Nokho nangoMgqibelo sizoqhubeka nokulwa ngakho konke esinakho. Ekhempini yethu kuvunguza umoya wenjabulo."
Umqeqeshi weMagesi, uClinton Larsen usanda kucashunwa ethi ukuze bafinyelele kowamanqamu eCarling basizwe ukuthi amaqembu ababhekane nawo abebeya.
UMakhubela uthe bakuqaphe ngeso lokhozi ukuthi ukufinyelela kowamanqamu kungabaphazamisi abadlali babo emiqondweni. "Ukwenza kahle kwiligi kubaluleke kakhulu. Ukube asidlali kwiBetway Premiership besingeke silithole ithuba lokudlala kwiCarling. Nakuba kuzoba nzima kodwa isifiso sethu ukuqeda kwi-Top 8. Sifuna ukudlala kwiMTN8 ngesizini ezayo," kusho uMakhubela.
Iqembu lakhe lilele endaweni ka-11 kwi-log, ngamaphuzu ayisikhombisa. Lisanqobe owodwa kuphela kweyisithupha. Uma liqeda oweCarling lizobhekana neChippa United koweligi, ngoNovemba 30, eBuffalo City Municipality Stadium.