Canada (1) 1
Morocco (2) 2
IMOROCCO yenze obekungalindelekile u-Group F weNdebe yoMhlaba obubophele amazwe ahlonishwayo njengoba ishaye iCanada ngoLwesine ntambama, e-Al-Thumama Stadium, eDoha, eQatar.
Leli qembu lase-Afrika lidle iqoqo (ngamaphuzu ayisikhombisa) obekukhona kulona iBelgium okungenwe eNdebeni yoMhlaba ikleliswe endaweni yesibili emhlabeni neCroatia eyashaywa kowamanqamu kwiNdebe yoMhlaba eRussia ngo-2018.
IMorocco idlule kuleli qoqo neCroatia ethole iphuzu ebelidinga ibambana ngo 0-0 neBelgium komunye umdlalo waleli qoqo. Le miphumela isho ukuthi iBelgium neCanada sebebuyela emakhaya.
Womathathu amagoli emdlalweni weMorocco aqhamuke kulona leli qembu.
UHakim Ziyech noYoussef En-Neyisri bashayele izwe labo amagoli elinqobe ngawo. EleCanada kube umkhonto ogwaza ekhaya kaNayef Aguerd.
Igoli lokuqala lingene besabanda abaseCanada njengoba umdlalo ubusanda kuqala kodwa babuye baziqoqa ngokushesha balibeka phansi ibhola bezama ukuhlasela.
ICanada iqale lo mdlalo isivele isipakishile kulandela ukushaywa kwayo emidlalweni yayo yokuqala emibili yeqoqo.
UZiyach uliphiwe unozinti weCanada, uMilan Borjan, igoli kulandela iphutha elimshiye eswele umgodi wokucasha.
Bekubemele isilomo seCanada, uTajon Buchanan, silinganise ngomzuzu ka-14 emuva komnyakazo omuhle kodwa saqoma ukusebenzisa unyawo olungafanele.
Lo mnyakazo ubuyisixwayiso kwiMorocco ngoba ngemuva kwawo iphinde yavuka kubhoke uZiyach kwaze kwavela igoli elesibili ngonyawo luka-El Neysiri alibasele enethini ngomzuzu ka-23.
Esikhundleni sokuthi iMorocco iqhubeke nokucindezela kwazise ibisivele isebuhleni, kubukeke sengathi ayabenelisa amagoli amabili okusize iCanada yakhuphula umfutho.
Seziyela ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, ukungena kweCanada kugcine kuholele ekutheni, u-Aguerd awugwaze ekhaya umkhonto ngomzuzu ka-40.
Yize bekungasekho okungazuzwa iCanada kuleli qoqo, ibuye ekhefini ngezinguquko ebezikhombisa ukuthi ifuna igoli lokulinganisa njengoba isihlabani sayo esiyisitobha, u-Alfonso Davies, bese sidlala njengomgadli.
Kubonakele futhi nokuthi kungani iCanada iyise uDavies phambili kwazise nezitobha zeMorocco bese zithole umuntu ozozinika inkinga.
Obese kusobala lapha ukuthi iCanada iyona ebese ingaphezulu ngokomdlalo sekuyiyona efika kulandelana emapalini kaBono obevimbele iMorocco njengoba kwenzeke ngomzuzu ka-73, u-Atiba Hutchinson, obesanda kungena ecishe elinganisa ngekhanda.
Kusukela kucishe kwangena leli goli likaHutchinson, iMorocco ibivale emuva idla isikhathi ngenhloso yokuphephisa lo mphumela oyiwinise iqoqo njengoba leli qembu lesizwe lango-1986 lenza okufanayo koweNdebe yoMhlaba eMexico. IMorocco ibe yiqembu lesibili lase-Afrika ukungena kwi-Last 16 kulo mqhudelwano. Ilandele iSenegal esizodlala ne-England ngeSonto.