IKAIZER Chiefs isiphinde yamhoxisa unozinti wayo, u-Itumeleng Khune, eqenjini iCarling All-Star elivotelwe ngabalandeli.
Leli qembu lizogadulisana nompetha beCarling Knockout, iStellenbosch FC, emdlalweni weCarling Black Label Cup ozoba seNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoJanuwari 6. Emahoreni ambalwa adlule, iPremier Soccer League (PSL), ikhiphe uhlu lwabadlali abazodlala kulo mdlalo abavotelwe ngabalandeli. Eqhulwini bekukhona uKhune ongowesithathu kwabavotelwe kakhulu. Izolo lishone sekuvele kusabalele ukuthi iChiefs inqabile ukuthi uKhune ayodlala eqenjini le-All Star phezu kokuvotelwa ngabalandeli ngenxa usadonsa isigwebo sokwehluleka ukuziphatha. Emasontweni adlule, uKhune umiswe yiChiefs kulandela ukulahlwa yicala lokufika ejimini edle amanzi amponjwana. Ukufakwa kwegama lakhe yiPSL kwenze abaningi bakholwa wukuthi izinhlaka zonke zivumelene ngokufakwa kukaKhune oyintandokazi yabalandeli ebholeni laseMzansi.
Nokho iChiefs isikhiphe isitatimende igcizelela eyokuthi uKhune ngeke alidlalele iqembu leCarling All-Star ngenxa yesigwebo.
“Phezu kokuvotelwa wumphakathi eqenjini le-All-Star, uKhune usadonsa isigwebo sokumiswa kwakhe kuzona zonke izinto ezithinta ibhola kwiKaizer Chiefs futhi ngeke aqokwe. Umdlali, iPSL, bazisiwe futhi iligi, abaxhasi bazokwenza isimemezelo ngesikhathi esifanele mayelana nokubumbeka kweqembu le-All-Star,” kusho isitatimende seChiefs.
Ukuphuma kukaKhune eqenjini leCarling All-Star, kuvulele ithuba unozinti osemncane we-Orlando Pirates, uZoey Monyepao oyindodana kaDJ Cleo evimbela iqembu leZimnyama leDStv Diski Challenge. UMonyepao uzobanga ijezi noSipho Chaine eselimphunyukile esikimini esikhulu. Iqembu le-All Star lizoqeqeshwa nguJose Riveiro wePirates. Lizoqala umdlalo ngabadlali abayisithupha abadlala emaqenjini eDStv Premiership nabayisihlanu abayibamba kwiDStv Diski Challenge.