KUNINGI okungakhulunywa nge-2022 Fifa World Cup kodwa okumqoka yizinga eliphezulu elikhonjiswe ngamazwe ase-Afrika, kulo mqhudelwano ogcine unqotshwe yi-Argentina, udumo lwayo lwathathwa nguLionel Messi.
I-Argentina ihlule iFrance ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi emuva kokubambana ngo 3-3 emizuzwini engu-120.
Sibe khona isikhalo sokuthi igoli likaMessi elibeke i-Argentina phambili ngo 3-2, bekungafanele libalwe, kwazise enkundleni bekunabadlali abebengakagunyazwa ngunondweba ukungena.
Kodwa lokho sekuyindaba endala kwazise nensephe ayilandelayo, uDiego Maradona yanqoba iWorld Cup ka-1986 ngegoli lesandla, ebelingeke libalwe ezinsukwini zeVAR.
Ngaphezu kwakho konke lokhu, okumqoka yibanga elihanjwe yi-Afrika, ngonyaka ozayo ezodlalisa okokuqalisa iSuper League.
*Izinga le-Afrika eQatar
Amazwe amahlanu abemele i-Afrika, ibhola layo eliholwa yiConfederation of African Football, aye eQatar enenselelo yokususa emihlane yawo ihlazo leWorld Cup yaseRussia ngo-2018.
Amazwe abemele i-Afrika abeholwa yiSenegal engompetha bakuleli lizwe, Ghana, Cameroon, Tunisia neMorocco.
Okubaphonsele inselelo nokuqonga kwengcindezi eQatar, wukuthi iCaf ibuye yonke eRussia ngo-2018 yembethe ihlazo lokuphuma esigabeni samaqoqo.
EQatar kodwa ligaye ngomunye umhlathi kwazise kwale kancane kudlule amathathu. Kugcine kudlule iMorocco neSenegal.
ICameroo izilimaze ngomdlalo wokuqala ihlulwa yiSwitzerland kodwa iwuqophile umlando iba yizwe lokuqala lase-Afrika ukuhlula iBrazil kwiWorld Cup.
Ngukaputeni wayo iCameroon, uVincent Abubakar, oyifake emlandweni ngegoli elidle iBrazil.
Umlando omkhulu kodwa uqoshwe yiMorocco iba yizwe lokuqala elivela kuleli lizwekazi ukudlulela esigabeni esandulela esamanqamu.
Nakuba igcine engabuyanga nendondo iMorocco kodwa ithotshwe inhliziyo ngokunikwa ilungelo lokusingatha i-2023 Fifa Club World Cup ngoFebhuwari.
U-Abubakar ngomunye wabadlali base-Afrika abashaye amagoli amabili ngokwehlukana. Abanye nguYuossef En-Nesyri waseMorocco noMohammed Kudus waseGhana.
Kumqoka wukubalula ukuthi bekungokokuqala ukuthi wonke amazwe ase-Afrika aye kwiWorld Cup nabaqeqeshi basekhaya bodwa.