YIZE ungawabala cishe kuze kuphele iminwe amaphuzu ahlukanise iMamelodi Sundowns, ne-Orlando Pirates kodwa izinkakha zePremier Soccer League, uMorgan Gould noJosta Dladla ziyavumelana ngokuthi yiqembu laseSoweto, elingaqeda ukucanasa kompetha beligi kule sizini.
Amaqembu azotholana kongase uklame indima ebonakalayo embangweni wesicoco seligi uma esehlangana ngo-3.30pm ntambama ngoDisemba 30, koweDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, eLoftus Versfeld, eTshwane.
“Angicabangi ukuthi kukhona umuntu obekulindele okwenziwe yiRichards Bay. Nabo imbala, angiboni ukuthi bebekulindele abakwenzile beqeda isigamu sokuqala besendaweni yesibili kwilog.
“Ngeke sibabale kodwa eqenjini elizoshubisa umbango wesicoco seligi kwiSundowns. Yi-Orlando Pirates okungenani esingayibala lapho ngenxa yokuhlangana kahle kwayo ezindaweni eziningi kusuka emuva,” kusho uGould.
UDladla uthe konke kungatshekela ngakwiPirates uma ingahlangana kahle phambili ngendlela okubonana kahle ngayo uKermit Erasmus noMonnapule Saleng, asebebasele amagoli awu-15 ngokuhlanganyela kule sizini.
Ayisikhombisa aka-Erasmus (mane kwiligi namathathu kwiMTN8) kanti ayisishiyagalombili kuSaleng (mahlanu kwiligi namathathu kwiMTN8).
Yize beyikhiphile iSundowns kwiMTN8 kodwa isemkhankasweni wokunweba umlando wayo ngokudla isicoco sesithupha seligi amasizini elandelana kule sizini. Eqinisweni kuyiwe ekhefeni isizibeke ethubeni elihle ngendlela eshayisa uvalo ukukwenza lokhu.
Akusikho nje ukuthi iSundowns, ecijwa nguRhulani Mokwena, kuyiwe ekhefini iqhwakele ngamaphuzu awu-28 kodwa ivule negebe lamagoli amahlanu kwiRichards Bay FC eyilandela endaweni yesibili. Lapho, iBay isidlale ewu-13 kuneSundowns esingene ka-12 enkundleni.
Ngaphezu kwalokho, ingumshini wamagoli iSundowns kaMokwena kwazise yiyo yodwa esibasele amagoli awu-20 nangaphezulu kule sizini.
Eqinisweni awu-24 amagoli eSundowns ekubeni isangenelwe ngamancane ukuzedlula zonke izimbangi zayo, amahlanu.
IPirates abakhuluma ngayo, oGould noDLadla abawole izicoco neSundowns neSuperSport United ngokwehlukana ngaphambi kokuhlangana sebedlala kwiKaizer Chiefs, idonsa endaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-19 emidlalweni ewu-13.