Richards Bay FC (0) 1
AmaZulu FC (1) 3
AmaZulu FC ashovele iRichards Bay FC emsileni we-log yeBetway Premiership eyibhaxabulela ekhaya emdlalweni weligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli aqinisekise ukuthi AmaZulu abuya namaphuzu aphelele kulo mdlalo avalelwe phakathi nguRowan Human, Etiosa Ighodaro no-Ethan Brooks eziwombeni ezahlukene. EleBay lokubika ekhaya lishaywe nguYanela Mbuthuma sekuyophela umdlalo.
Womabili la maqembu ebeze kulo mdlalo womkhaya baKwaZulu-Natal ewadinga ngokufanayo amaphuzu kwazise asezindaweni ezimbi kwi-log yePremiership okudlalela kuzo izembe.
Ngakolunye uhlangothi iBay beyize kulo mdlalo isanda kukhomba indlela umqeqeshi uBrandon Truter ngenxa yokuphikwa yimiphumela selokhu kuqale isizini. Ebhentshini bekuhlezi uRonnie Gabriel, Siboniso Gumede abebengamaphini kaTruter noSibusiso Msombi oqeqesha iqembu leDStv Diski Challenge.
AmaZulu yiwona abehlasela kakhulu ngesiwombe sokuqala kucaca ukuthi afuna ukushesha athole igoli.
Nebala ukucindezela kwawo kuthele izithelo ethola igoli ngomzuzu ka-36 ngesikhathi uHuman eqedela uhlaba udle webhola ebeligotshwe nguTshepang Moremi obeqhamuke nomnyakazo omuhle ngasohlangothini lwesokudla egadulisa amadoda. Leli goli lenze zaya ekhefini AmaZulu ehamba phambili ngo 1-0.
Zibuya nje ekhefini, iBay yenze izinguquko ezisheshayo ikhipha uSiyethemba Sithebe, indawo yakhe yathathwa nguThando Buthelezi, kwaphuma uMoses Mthembu kwangena uLangelihle Mhlongo.
Empeleni naphezu kwalezi zinguquko, iBay ayikhombisanga ukuba yiqembu eliyingozi uma kuhlaselwa, ngaphandle kwebhola likaMbuthuma ebelilibi eliphebezwe nguRichard Ofori kwaba yi-corner kick.
AmaZulu athole igoli lesibili ngomzuzu ka-66 u-Ighodaro engqomfa ibhola ngekhanda lashaya ipali leqa ulayini labuyela ngaphakathi unompempe uChristopher Kistoor walikhomba enkabeni yenkundlla ethi yigoli, kwaba ngu 2-0.
Akuphelanga mizuzu mingaki uBrooks wavalela phakathi elesibili ngomzuzu ka-69 kwaba ngu 3-0. UMbuthuma obekhombisa ukuba wuhlupho, ugcine eyitholele iRichards Bay elokubika ngomzuzu ka-90.
Ukunqoba koSuthu kulo mdlalo kusho ukuxaxama emsileni luya endaweni ka-13 kwi-log, kanti futhi kusho ukuqhubeka nomgqigqo kwaleli qembu ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi njengoba emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu leFifa lushaye iChippa United ngo 2-0.