IMENENJA yobengumdlali we-Orlando Pirates, uHappy Jele, ikhalaza “ngabaphoqa” ukuthi awagaxe emgibeni amakhokho ngemuva kokuhlukana naleli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023.
UJazzman Mahlakgane utshele Isolezwe ukuthi uJele odlale kwiPirates iminyaka ewu-16, usazoqhubeka nokubonakala kwiDStv Premiership.
Lo mdlali akazange ayivuselele inkonyileka abenayo neZimnyama. Kwavela ukuthi okwabahlukanisa wukuthi uJele ubesazibona njengomdlali kanti iPirates ibizimisele ngokumzamela omunye umsebenzi eqenjini.
Sekuphele izinyanga lo mdlali engalitholile iqembu, okuyikhona okwenze kwabuyelwa kuMahlakgane ukuzwa ukuthi izinto zihamba kanjani.
UJele (35) njengoba engenankontileka, angasayina neqembu elimfunayo noma yinini ngaphandle kokulinda ukuthi kuvulwe iwindi ngoJanuwari.
UMahlakgane ube esekhala ngabaphoqa lo mdali ukuthi agaxe amakhokho emgibeni isidingo singekho.
"Ngicela ukubuza ukuthi kungani abezindaba nabanye abantu baphoqe uHappy ukuthi ayeke umsebenzi? Noma kukhona izinto aphila ngazo kodwa ahlanganise kanjani empilweni? Kanti yini le engekho yinhle esitshengiswe uHappy ukuthi akasekho esimeni esihle?
“Ngicela ukuthi sike simnike ithuba, kuningi asangakwenzela ibhola laseNingizimu Afrika. Njengamanje kuqhubeka imidlalo yeNdebe yoMhlaba, kudlala abantu abadala. Kungani thina sihlale sithwesa abadlali bethu ingcindezi," kubuza uMahlakgane.
Mayelana nezinhlelo zokumfunela umsebenzi, uthe: “Akazukuyeka ukudlala. Njengamanje simatasa simfunela umsebenzi. Usazoqhubeka nokudlala. Njengoba kuza iwindi likaJanuwari, ngicabanga ukuthi kukhona umsebenzi azowuthola.”
Kunamaqembu ake avela ukuthi afuna lo mdlali kodwa kwabuye kwangacaca, okubalwa iSekhukhune United neRoyal AM.
Ukhuluma kanjena uMahlakgane, omunye umdlali wakhe ongakaze acacise ukuthi useyaliyeka ibhola, uSiphiwe Tshabalala. UTshabalala ugcine ehlukene naMaZulu FC ngesizini edlule, kuze kube yimanje, alikho iqembu asayine kulona.
UTshabalala usanda kucashunwa eminye imithombo yabezindaba ekuveza ukuthi akakaliyeki ibhola.
“Namanje ngizophinda ngisho ukuthi kungani umdlali ephoqwa ukuthi ayeke umsebenzi ekubeni ebona ukuthi usengawenza umsebenzi. Uma isikhathi sesifanele sizomemezela ukuthi uTshabalala uzowuyeka umsebenzi. Ngesingami nakuyena usangawenza umsebenzi ogculisayo.
“Wena wake waphoqwa ukuthi uyeke lapho usebenza khona? Kubuza futhi uMahlakgane.