Morocco (0)0
South Africa (0)2
IBafana Bafana inyuse amathemba okuwina indebe ye-Africa of Nations (Afcon) ngokukwehlula iMorocco emdlalweni we-Last 16 eLourent Pokou Stadium, eSan Pedro, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ebusuku.
Amagoli eBafana ashaywe ngu-Evidence Makgopa noTeboho Mokoena esiwombeni sesibili.
Ngokwehlula iMorocco, iBafana ijoyine amaqembu ayisikhombisa asezibekisele indawo kuma-quartefinal okuyiNigeria, Angola, Democratic Republic of Congo (DRC), Guinea, Cape Verde, Ivory Coast neMali.
IBafana izobhekana neCape Verde ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku. Ukuwina kwayo kowe-Last 16, akubuzwa ukuthi kwenyuse isasasa nethemba kubantu baseMzansi ngokubuya kwezinsuku zenjabulo kwazise leli qembu lagcina ukuwina indebe ye-Afcon ngo-1996.
IBafana ifike kulo mdlalo inganikwe lutho ngenxa yesithunzi seMorocco ngenxa yokukleliswa kwayo emhlabeni nangesithunzi ezakhele sona ngokuhamba ibanga elide koweNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngo-2022.
Okusheshe kwacaca wukuthi iBafana ibizogxila kumaphasi amafushane bese ithembela ekubambeni iMorocco ngejubane uma ithola ithuba.
IMorocco edlale ngaphandle kwezithenjwa, eziwoSofiane Boufal noHakim Ziyech, bobabili abalimele, ikhombise zisuka ukuthi izoba yinkinga emoyeni ngamakhona nama-freekick kwazise ibibophele abadlali abaningi abanethambo uma uqhathanisa nabeBafana.
Seziyela maphakathi nesiwombe sokuqala iBafana iyona ebisibonana kangcono yize ibingawakhi amathuba athusayo kwazise ibikhombisa izimpawu zokungajahi ukuhlasela.
Kuyiwe ekhefini sebenekhadi umdlali ngamunye, o-Aubrey Modiba noGrant Kekana, kodwa obekusobala ukuthi nokuzethemba kuyakhula kwiNingizimu Afrika.
Esiwombeni sesibili, iMorocco ibuye ngomfutho izama ukuthola igoli zibekwa kodwa kade ihluleka uma isifike phambili. Nokho kube yiBafana eshaye igoli ngesikhathi uMakgopa ethola ibhola likaThemba Zwane, walibeka phakathi. Emuva kwaleli goli, iMorocco izame ukubuya ngokushesha, umqeqeshi wayo wenza izinguquko ezisheshayo kodwa iBafana ikhombise ukuqina emuva. Ukuhlasela iphindelela kweMorocco, kuthele izithelo ngesikhathi ithola iphenathi emuva kokuthi ibhola lishaye ingalo kaMothobi Mvala ebhokisini. U-Achraf Hakimi uyishaye yashaya ipali, yaphuma phezulu. Emuzuzwini engu-10 eyengezwe ngunompempe, uSofyan Amrabat uthole ikhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi uTeboho Mokoena ngaphandle kwebhokisi, kwadaleka i-free kick. Uvuke lapho uMokoena wayibeka phakathi ifree kick.