Nigeria (0)1
South Africa (1)1
IBAFANA Bafana iphunyukwe yithuba lokuhlala esicongweni se-log ibambana neNigeria emdlalweni wesithathu kaGroup C wokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2026 eGodswill Akpabio International Stadium, eNigeria, ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli leBafana lishaywe nguThemba Zwane esiwombeni sokuqala. EleNigeria libekwe enethini nguFisayo Dele-Bashiru ngesesibili.
Ngokubambana neNigeria, iBafana iphunyukwe yithuba lokuziphindiselela kwiSuper Eagles eyaqeda ngamaphupho elakuleli kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka. Kulo mdlalo, iSuper Eagles yawina sekukhahlelwa amaphenathi.
IBafana ingene enkundleni isinengcindezi yokuqoqa amaphuzu agcwele kwazise iLesotho kade isishaye iZimbabwe, yahlala esicongweni se-log kaGroup C ngamaphuzu ayisihlanu emidlalweni emithathu. Iphuzu leBafana liyibeke endaweni yesine lapho ibambene khona ngamaphuzu amane neBenin neRwanda. IBenin icoshe amaphuzu amathathu kwiRwanda emdlalweni ewunqobe ngo1-0 ekhaya ngoLwesine.
INigeria isendaweni yesihlanu ngamaphuzu amathathu emidlalweni emithathu kwazise isayidlale ngokulingana yomithathu imidlalo esayidlalile kuGroup C.
EGodswill Akpabio Stadium, iNigeria iyona eqale ngesivuvu, ifuna ukuthola igoli ngokushesha kodwa ukuhleleka kweBafana emuva bekuyithwesa ubunzima. ISuper Eagles kade isebenzisa kakhulu uhlangothi lwesokunxele luka-Ademola Lookman obebhekene noKhuliso Mudau. Nokho iBafana ibikhombisa ukuba yingozi uma ithola ibhola ilidlala ngokushesha phambili. Ngomzuzu ka-17 ifree kick kaTeboho Mokoena ishaye ipali yaphuma phezulu, eyizwe ngendaba unozinti weNigeria, uStanley Nwabali. Emuva kwalokho, iBafana iqhubekile nokuhlasela. Ngomzuzu ka-29, kugcine kuyilungele ngesikhathi uZwane eqeda ngabadlali beNigeria ebhokisini evalela phakathi ibhola aligingqelwe nguSiphephelo Sithole.
Esiwombeni sesibili, iNigeria ibuye yaqonda phambili. Ngomzuzu ka-46 uBashiru uyishayele igoli lokulinganisa emuva kokuphenduka noMothobi Mvala ebhokisini. Emuva kwaleli goli, iNigeria iqhubekile nokufana umfutho, izama ukuthola igoli lesibili. Nokho udonga lweBafana belunqaba. Ngomzuzu ka-75, iBafana isinde ngokulambisa ngesikhathi ibhola likaSamuel Chikueze lishaya ipali libuyela enkundleni. Ngesikhathi esengezwe ngunompempe, unozinti weBafana, uRonwen Williams, utakule uMzansi evimba ibhola sekuvalwe amehlo.
NgoLwesibili, iBafana izobhekana neZimbabwe emdlalweni wesine kaGroup C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eFree State Stadium ngo-6 ntambama.