I-Premier Soccer League (PSL) isinqume ukuhoxisa iRoyal AM kwiDStv Diski Challenge (DDC) kulandela ukwehluleka ukuhlanganisa iqembu elizodlala kule sizini.
I-AM ayikaze ilubhande ezinkundleni zelokhu kwaqala isizini yeDiski ka-2024/2025 ngenxa yokushoda ngabadlali. Leli qembu alikwazi ukubhalisa abadlali ngenxa yesigwebo seFifa eyasithola kulandela ukungabakhokheli abebengabadlali bayo okunguSamir Nurkovic (R12 million) waseSerbia noRicardo Nascimento (R600 000) waseBrazil wodumo kwiMamelodi Sundowns. Bobabili laba badlali kwanqanyulwa izinkontileka zabo kwi-AM kodwa abangakhokhelwa.
Esitatimendeni esikhishwe yiPSL ngoLwesihlanu ntambama, i-AM imiswe ngokusemthethweni emidlalweni yeDiski.
“IRoyal AM yehlulekile ukuba neqembu kwiDiski Challenge ka-2024/2025 ngenxa yesigwebo sokubhalisa seFifa. Emuva kokucubungula amaqiniso nezethulo zeqembu kuleli sonto, isigungu sePSL sinqume ukuhoxisa iRoyal AM Football Club ekudlaleni kwiDStv Diski Challenge ka-2024/2025,”kusho isitatimende sePSL.
I-AM isobishini nje, ibinabo abadlali ngesizini edlule kodwa abanye bakhonjwa indlela. Abanye asebedlulile eminyakeni engu-21 okuyiminyaka edingekayo kubadlali beDiski, bakhushulelwe esikimini esikhulu. Ngokomthetho weDiski, iqembu livumeleke ukubophela abadlali abathathu kuphela abaneminyaka engaphansi kuka-23. Ukumiswa kwaleli qembu kusho ukuthi le ligi isizoqhubeka ngamaqembu angu-15.
Khonamanjalo, imidlalo yeDiski iyaqhubeka ngoMgqibelo nangeSonto eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Kungenwa mahhala.
NgoMgqibelo: Stellenbosch v TS Galaxy (1pm); Golden Arrows v Orlando Pirates (3pm)
NgeSonto: AmaZulu v SuperSport United (1pm); Richards Bay v Kaizer Chiefs (3pm)