AKAYISHAYI mkhuba eyabambiza ngekhehla umpetha we-SA Flyweight, uJackson “M3” Chauke, oyolwela ibhande lomhlaba phesheya kwezilwandle.
UChauke (38) waseTembisa, eGoli, uzoqhuthana noQuaise Khademi wase-UK empini ebhekwe ngabomvu yebhande le-IBO elingaphethwe muntu ezoba seYork Hall, e-UK, ngoJanuwari 27.
Ngokweminyaka yesibhakela, usebalwa nabashayisibhakela abadala kulo mdlalo. Uma uChauke (23-2-2) eliwina ibhande le-IBO uzoba ngomunye wompetha abadala emhlabeni. EMzansi, baningi abakholwa wukuthi sekufanele adedele abashayisibhakela abasebancane esisindweni se-Flyweight. UChauke ungumnikazi webhande le-SA Flyweight ngokugcwele kulandela ukulivikela kwakhe ngempumelelo amahlandla ayisihlanu. Ngokomthetho weBoxing South Africa (BSA), umshayisibhakela kufanele ibhande alivikele amahlandla ayisihlanu ngaphambi kokuligcina ngokuphelele. UChauke ugcine ukungena eringini ngo-Okthoba nyakenye elivikela ngempumelelo kuThembelani Nxoshe e-East London.
“Ngicabanga ukuthi izinto zenzeka ngesikhathi esifanele. Angiyicabangi eyeminyaka yami yobudala. Abantu bathi sengimdala njengoba ngizohlanganisa iminyaka engu-39 kodwa lokho akungikhathazi. Konke kufika ngesikhathi esifanele. Izinqumo engizithatha manje azifani nengangizozithatha ngisemncane. Ngisho ngaphandle kweringi, sengicabanga ngendlela ehlukile. Nginabafana ababili futhi ngishadile eminyakeni emibili edlule. Leli thuba lifike ngesikhathi esihle,” kusho uChauke.
“Ibhande le-IBO ngizoliwina, ngilivikele nalo. Ngizoqhubeka nokwamukela amanye amathuba okulwela amabhande. Iphupho lami kwakuwukulwela ibhande le-WBC. Ngicabanga ukuthi kusekuningi engisengakwenza esibhakeleni. Ngisazohlala esibhakeleni eminye iminyaka emithathu. Okwamanje ngeke ngisiyeke isibhakela noma kwenzekani empini engiya kuyona yebhande le-IBO.”
UChauke waqala isibhakela esikhokhelayo ngo-2008 emuva kokumela iNingizimu Afrika kunguyena yedwa umshayisibhakela wakuleli emidlalweni yama-Olympics ngo-2006. Nakuba eneminyaka esesibhakeleni kodwa izimpi zakhe azikafiki kwezingu-30 ngenxa yokuntula izimpi eminyakeni edlule. Unikwe ithuba lokubuyela eringini nguphromotha ongasekho u-Andre Thysse kungekho ofuna ukumqhatha. Emuva kwezimpi ezimbalwa ujoyine iXaba Boxing Promotions ka-Ayanda Matiti.
UChauke nomqeqeshi wakhe uDamien Durandt bazofulathela iNingizimu Afrika ngeSonto beyoqhubeka namalungiselelo empi phesheya kwezilwandle.
“Angikungabazi ukuthi ibhande ngizobuya nalo. Ngizoyiwina impi. Ngizibukile izimpi ezintathu zikaKhademi. Muhle yena kodwa akukho engibona kuzoba yinkinga kimina. Ngiyijwayele ingcindezi,” kusho uChauke.
Ezimpini ezingu-13, uKhademi uwine ezingu-10, wahlulwa kanye, walwa ngokulingana kwezimbili.