UKWEHLULEKA ukugcina umgqigqo owodwa kwaMaZulu FC emidlalweni yakamuva yeBetway Premiership, kuwaphonsela inselelo yokubhukula njengoba esemshikashikeni wokugcina indawo yawo kwiTop 8.
AmaZulu okumanje asendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership, emidlalweni emihlanu ayidlalile ngaphambi kwekhefu leFifa, anqobe kwemibili, ehlulwa kwemibili, adlala ngokulingana kowodwa.
Kowokugcina awudlalile ngaphambi kwekhefu leFifa, ashayelwe ekhaya yi-TS Galaxy ngo 2-1.
Usuthu lubuyela ensimini ngowasekuhambeni neChippa United, eBuffalo City Stadium, e-East London, namuhla ngo-3.30 ntambama.
Yize Usuthu lwayithela isibhaxu sika 2-0 iChilli Boys ngomzuliswano wokuqala wesizini kodwa akungatshazwa ukuthi owakusasa kuzoba ngumdlalo wasekuhambeni ongelula, ikakhulu ngoba leli qembu lase-Eastern Cape, linokwesekwa okukhulu enkundleni yasekhaya, iBuffalo City.
IChilli Boys iguqise iPolokwane City ngo 2-0 kuyona inkundla yase-East London, ngaphambi kwekhefu leFifa.
Umgadli u-Elmo Kambindu, ojoyine Usuthu ngoJanuwari esuka kwiChilli Boys, uya ngokuya ekhombisa izimpawu zokuba ngumgadli othuthukayo iqembu elingathembela kuyena ngoba useshaye amagoli amane emidlalweni eyisishiyagalolunye asayidlalile, uzobe ebhekene okokuqala neqembu lakhe elidala.
Ngakho ifomu kaKambindu kufuze ukuba imqinisa idolo umqeqeshi, u-Arthur Zwane, osabhekene nenselelo yokugeza igilo abaphathi beqembu ngoba kunguyena obambe izintambo zokuqeqesha njengenhloko yabaqeqesh,i kulandela ukwesula kukaVusumuzi Vilakazi ngoFebhuwari.
Kanti nokubuya kwenjini yasesiswini uBongani Zungu, ongadlalanga kowokugcina beshaywa yiGalaxy ngenxa yamakhadi aphuzi, kudingwa kakhulu yiqembu kulo mdlalo weChippa.
Emidlalweni eyisikhombisa esalele Usuthu nebukeka ingelula, njengoba phakathi kwayo kubalwa oweStellenbosch FC eyalunabisa ngo 5-0 kowomzuliswano wokuqala, iLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates, Usuthu ludinga ukubhukula ukugwema ukusala ngaphandle kwi-Top 8 amasizini amathathu elandelana kusukela ngesizini ka-2022/2023.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla - Ngo-3.30pm: Chippa United v AmaZulu FC (Buffalo City Stadium); Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Moses Mabhida Stadium); Magesi FC v Stellenbosch FC (Seshego Stadium, 5.30pm)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Richards Bay FC (Old Peter Mokaba Stadium); TS Galaxy v Marumo Gallants (Mbombela Stadium, 5.30pm); Supersport United v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 7.45pm)