LIGCINE amathemba okudlulela kweyandulela owamanqamu iqembu lakuleli ngesikhathi libuya sekuvalwe amehlo lidlala ngokulingana neNew Zealand ngo 48-48, emdlalweni kaGroup G eNdebeni yoMhlaba, eCape Town International Convention Centre, eKapa ngoLwesithathu ebusuku.
INew Zealand ihambe phambili zibekwa kulo mdlalo yawanqoba amakota amathathu okuqala. Iqembu lakuleli liyithathe ngo 14-10 ikota yokugcina, umdlalo waphela zibambene.
Umqeqeshi wamaProteas, uNorma Plummer, wenze izinguquko ezimbili eqenjini eliqale ngesikhathi bebhekene neTrinidad and Tobago ngoMsombuluko.
UPhumza Maweni uqale endaweni kaNicola Smith emuva, uJeante Strydom wathatha indawo kaShadine van der Merwe kwi-wing defence.
Kwikota yokuqala iNew Zealand ike yavula igebe lamagoli amane kodwa elakuleli lakwazi ukuyivimba emuva. Lokhu kwenze ukuthi likwazi ukubuya, kwaphela ikota izivakashi zihamba phambili ngo 11-10.
INew Zealand ibuye isilinyusile igiya, umgadli wayo uMaia Wilson ephuma izikhala futhi elibeka phakathi ngisho ekude.
INingizimu Afrika ibisiyenza amaphutha phambili nokuholele ekutheni akhishwe u-Ine Mari Venter, ofake amabhola angu-11 kwangu-17 awazamile.
Indawo yakhe ithathwe ngu-Elmere van der Berg ofike wazama kodwa umonakalo ubusuwenzekile, kwayiwa ekhefini iNew Zealand isihamba phambili ngo 26-21.
Ekuqaleni kwekota yesithathu uphunyuziwe ukaputeni uBongiwe Msomi, indawo yakhe yathathwa nguKhanyisa Chawane enkabeni yenkundla.
Nakule kota iNew Zealand ibilokhu ihamba phambili, kuthi noma elakuleli lizama ukusondela kube nhlanga zimuka nomoya.
Kule kota elakuleli lifake amabhola angu-12, izivakashi zafaka amagoli angu-13, yaphela sezisebuhleni ngo 38-34.
Abalandeli bamaProteas bebelokhu becule njalo bezama ukuwanika umfutho, ikakhulukazi uma kufanele amake. UNichole Taljaard ushwebe okokuqala kule kota, kodwa waqeda umdlalo nerekhodi elihle lokufaka amabhola.
Kuthe iSilver Ferns isicabanga ukuthi iwuthathile umdlalo lavuka inj’ebomvu elakuleli lavala igebe lamaphuzu amane emizuzwini emibili yokugcina, umdlalo waphela ngo 48-48.
Lo mphumela uchaza ukuthi la maqembu acazelane amaphuzu, athola elilodwa ngalinye. IJamaica iqhwakele kuGroup G ngamaphuzu ayisishiyagalombili, ilandelwe yiNew Zealand ngayisikhombisa.
INingizimu Afrika ilele isithathu ngamaphuzu ayisihlanu kanti i-Uganda isendaweni yesithathu ngamaphuzu amane.
AmaProteas kumele athandazele ukuthi iJamaica inqobe iNew Zealand ngamagoli amaningi uma sebebhekene ngoLwesine ngo-11 ekuseni.
Uzobe ungakapheli umsebenzi ngoba nelakuleli kuzomele libhudluze i-Uganda ngenqwaba yamagoli ukuze libe ngaphezulu kweNew Zealand. Umdlalo unamuhla ngo-4 ntambama. Amaqembu amabili azoqeda phezulu azodlulela kweyandulela owamanqamu.