ABAKABI netwetwe abaqeqeshi bamaqembu esizwe ombhoxo weSevens nakuba womabili eshaye into ephansi emqhudelwaneni wasekhaya, iCape Town Sevens ngempelasonto.
Iqembu labesilisa amaBlitzbokke, belibheke ukugcina umgqigqo walo kwiWorld Rugby Sevens Series kulandela ukunqoba umqhudelwano wokuvula isizini eDubai.
EKapa, lilale isibili eqoqweni lalo lapho liguqise iGreat Britain ngo 19-5 ne-United States ngo 26-14, ngaphambi kokushaywa yi-Ireland ngo 14-12.
Kuma-quarter-final libhekane ne-Australia nokuyilapho ashabalale khona amathemba okunqoba isicoco sasekhaya okokuqala kusukela ngo-2015, njengoba libhudluzwe ngo 28-0.
Izinto zilibhedele kakhulu iqembu likaSandile Ngcobo ngesikhathi liqunjwa phansi yiNew Zealand ngo 31-7 selilwela ukuqeda endaweni yesihlanu.
Abalandeli abebegcwele enkundleni iDHL Stadium baze baduduzwa wukubona abadlali bamaBhokobhoko, uDamian Willemse, Deon Fourie noManie Libbok, abafike nendebe iWebb Ellis abayinqobe eFrance ngo-Okthoba.
“Kumqoka kakhulu ukugcina ibhola kodwa asikwenzanga kahle lokho. Kumele siqine njengoba sivumele izitha ukuthi zisiphuce ibhola kalula,” kusho uNgcobo.
“Kasenzanga kahle ngeSonto kodwa sizobheka ukuthi yini edale lokho bese silungisa ngendlela efanele. Sizobheka ukuthi yibaphi abadlali abebelimele esebeluleme, nokuthi laba abebekhona badlale yiphi indima kule miqhudelwano emibili.”
I-Argentina, edle isicoco eKapa, iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-38, ilandelwa yiFiji ngawu-30, namaBlitzbokke, nawo anamaphuzu angu-30.
Khonamanjalo: Umqeqeshi weqembu labesifazane, uRanfred Dazel, uthe usenalo ithemba lokuthi bazokwenza abahlose ukukwenza kule sizini nakuba bekhale ngaphansi kuyo yonke imidlalo abayidlalile eKapa.
Imbokodo iguqiswe yiFrance ngo 29-7, iCanada ngo 40-0 ne-United States ngo 34-0 emidlalweni yayo yamaqoqo. Empini yokulwela ukuqeda endaweni engcono ishaywe yiJapan ngo 27-7 neSpain ngo 21-7, yagcina isendaweni ka-12.
“EDubai siqede endaweni ka-10 sathola amaphuzu amathathu ngenxa yokuhlulwa ngamaphuzu ambalwa kodwa ekhaya asidlalanga neze ezingeni elifanayo, kusidumazile lokho. Nokho, uma sibheka emuva kule miqhudelwano emibili, kukhona engikubonayo okunginika ithemba lokuthi singabhukula kolandelayo,” usho anje uDazel.
Womabili amaqembu akuleli azobuyela enkundleni emqhudelwaneni olandelayo ePerth, e-Australia, ngenyanga ezayo.
I-Australia izihola phambili ohlangothini lwabesifazane ngamaphuzu angu-40, ilandelwe yiFrance ngawu-34 neNew Zealand ngawu-30. Imbokodo isendaweni ka-11 ngamaphuzu amane. Isele ngayisikhombisa kwiBrazil, esabambelele endaweni yesishiyagalombili.
Amaqembu ayisishiyagalombili azoqeda phezulu kwi-log ekupheleni kwesizini azogcina izindawo zawo esigabeni esiphezulu, kuthi amane aphansi adlale imidlalo yokuhlunga namaqembu amane aphezulu azoqhamuka esigabeni sesibili, iChallenger Series.